Isolezwe

Akanaxhala owashiya Usuthu lukhala ozodlala nalo namuhla

- ZAKHELE XABA

AKANANXA naMaZulu umdlali wasemuva weBidvest Wits, uSifiso “Choppa” Hlanti, ohlukane noSuthu kungasekuh­le ngesizini edlule emuva kokuthi enqabe ukuvuselel­a inkontilek­a.

UHlanti waseNewcas­tle, wayekhona ngesikhath­i Usuthu lugawulwa yizembe kwi-Absa Premiershi­p ekupheleni kwesizini ka-2014/2015. Ungomunye wabadlali abaqhubeka nalo selugijima kwiNationa­l First Division (NFD).

Emuva kokuthi leli qembu lihlulekil­e ukubuyela esigabeni esikhulu, uHlanti akavumanga ukuvuselel­a inkontilek­a. Maphakathi nesizini edlule ubolekiswe kwiWits izinyanga eziyisithu­pha zokugcina zenkontile­ka yakhe lapho efike khona wawina isicoco sePremiers­hip neZitshude­ni.

Namuhla eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, uHlanti uzobhekana okokuqala nabaqashi bakhe bakudala, AmaZulu. Usuthu luzokwamuk­ela iWits emdlalweni wePremiers­hip ngo7.30 ntambama.

“Okwenzeka phakathi kwami naMaZulu sengikudlu­lisile, yibhola leli. Usuthu luyiqembu elikhulu ngaphezu kwami. Okubalulek­ile kimina ukusebenze­la iWits ukuze sizame ukuthola amaphuzu amathathu,” kusho uHlanti.

“Ngiyazi ukuthi abalandeli babengafun­i ngihambe ngoba bebazi izinto ebengibenz­ela zona enkundleni. Kodwa konke okwenzeka kuMaZulu kungikhuli­sile. Ngeke ngizifake ingcindezi yokufuna ukukhombis­a abathize ukuthi yini engikwazi ukuyenza.”

Ngempelaso­nto edlule iWits ibuye sekuvalwe amehlo, yadlala ngokulinga­na ngo 1-1 neKaizer Chiefs.

AmaZulu aphuma esibhaxwin­i sika 4-1 asithole kwiLamontv­ille Golden Arrows koweligi.

Usuthu lusawine umdlalo owodwa kwemine kusukela kuqale isizini ka-2017/2018. Luhlulwe kabili, lwadlala ngokulinga­na komunye.

Umqeqeshi uCavin Johnson uthe: “Ungabheki ukuthi iWits ayikaze iwine nowodwa umdlalo kule sizini, nayo inebhadi njengathi sibhekene ne-Arrows.

Uma ubuka imidlalo yabo, badlala ibhola elihle kodwa behluleka ukufaka ibhola enethini.”

“Bazoza kithina, kufanele siqaphele. Ukukhuthaz­a abadlali, kufanele sibheke iKing Zwelithini neminyaka engu-85 ezayo ukuthi sifuna ukuba kuphi kweminye iminyaka engu-85. Ngifuna ukuthi noma ngisethune­ni ngibone AmaZulu kuPremiers­hip.”

AmaZulu azodlala ngaphandle kukaSammy Darpoh odonsa isigwebo samakhadi aphuzi. Abathintek­ile nguSiyabon­ga Nomvethe, Michael Morton, Thembela Sikhakhane, Ovidy Karuru noRhulani Manzini.

 ??  ??
 ??  ?? SIFISO HLANTI
SIFISO HLANTI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa