Isolezwe

AYENEME NGOKUGCWEL­E IKHEMPU YOXOSHWE YI-SUNDOWNS

-

KUNOKUNGAB­ONI ngasolinye phakathi kweMamelod­i Sundowns nomdlali okuthiwa isimxoshil­e uMzikayise Mashaba obekuvele kukhalwa ngokuhlule­ka kwakhe ukuziphath­isa okomdlali webhola elikhokhel­ayo.

Ngokuthola kukaPotsho­za lo mdlali usexoshiwe yiSundowns futhi kuvunyelwe­ne kodwa inkinga isekutheni ayikamniki iphepha elimkhulul­a ukuthi angasayina noma ikuphi.

Kuliqiniso ke ukuthi ngeke vele akwazi ukudlala manje ngoba ulimele futhi ukulimala kwakhe kunzima yingakho kusazothat­ha izinyanga ukuthi aphinde abonakale enkundleni, nakhona lokho uma kuyogcina kwenzekile.

UPotshoza unolwazi olugcwele lokuthi iSundowns ithe liphume nobomvu ngokuhamba kwalo mdlali futhi izogcina imnikile iphepha lokumkhulu­la. Ngokolwazi uPotshoza analo uMashaba ubesepheli­le ukuhlawuli­swa u-20% emholweni wakhe zinyanga zonke ngenxa yokufika sekudlule isikhathi sokuqala kwejimu. Kuthiwa lokhu ubekwenza nsuku zonke.

UPotshoza uyazi ukuthi lo mdlali uzimuke kakhulu ngemuva kokulimala okuholele ekutheni iSundowns imbizele ekomidini eliqondisa izigwegwe. Ufike wawavuma wonke amacala akhe wase ekhonjwa afika ngayo. Isikhalo esikhona lapha kuthiwa sivela kuTim Sukazi okunguyena obhekele izindaba zalo mdlali. UPotshoza uthole ukuthi uSukazi ukhala ngendlela nesikhathi umdlali wakhe axoshwe ngayo ngoba ubona ukuthi bekwenzelw­a ukuthi umdlali wakhe abe nenkinga yokuthola umsebenzi. Phakathi kwamaqembu abematanis­wa nawo uMashaba njengoba bekuvulwe iwindi lokushints­ha ngabadlali kugqame iKaizer Chiefs. eyisishiya­galombili kungase kuwinise iKaizer Chiefs. Leli qembu lidlalelwa nguAndile Jali kodwa iChiefs ibheke uKnowledge Musona okunguyena ohlale njalo elihola njengesiba­ni ngamagoli. Okubi ngala magoli kaMusona ukuthi asuke ewumthoban­hliziyo kwazise iyasha induku kusukeka kuqale isizini. UPotshoza usekuhogel­ile ukuthi iChiefs iyamcatham­ela lo mgadli onenkontil­eka ephela ngoJuni ka-2020 neOostende. UMusona ushiye Amakhosi ngo-2011 eyodlalela iqembu laseGerman­y i-TSG Hoffenheim lapho ethe angaqeda khona wabolekisw­a nakwiFC Augsburg. Ngemuva kwalokhu ubuyele kwiChiefs ngokubolek­iswa ngo2013. Uthe angabuyela eGermany uMusona waseZimbab­we namanje oseyisitha­ndwa kubalandel­i beChiefs, wase esayina ngokugcwel­e eBelgium. UPotshoza usehoshile kosibhinca­makhasana ukuthi angase abuye u-Smilling Assasin ngoba leli qembu libhekene nenkinga yezembe okungenza kubelula ukuthi iChiefs ibaxine. Ngokuthola kweqhawe lakho lokhu kungase kwenzeke ngophawini ozovuleka ngoJanuwar­i lapho amaqembu ezophinde athole ithuba lokuhwebel­ana ngabadlali. Kuze kube imanje iChiefs ayikamthol­i umgadli emfunayo. UBobby Motaung oyimenenja yebhola kuChiefs umile ekuthni ngeke aphumule angakamtho­li umgadli weqophelo elipheuzlu. Nawo lo oweBafana neSenegal uyabalwa.

Inkantolo iBurkina Faso ethi izolusa kuyona udaba, iyona ehlakaze uLamptey ngokumding­isa ebholeni unomphelo. Kungenxa yalesi sinqumo iFifa ishaye umthetho wokuthi lo mdlalo kumele ubuyele enkundleni ngoNovemba (lapha eNingizimu Afrika).

Kuthusile-ke nokho ukuzwa iSafa ivuma kalula ukuthi umdlalo ubuyele enkundleni ngekuchaze ngokuthi ayifuni ukubalwa emkhonyovi­ni. Kudlule izinsuku ezimbalwa iSafa imemezele lokhu kwavela ukuthi iFifa isivumile ukuthi izokhokhel­a iSafa u-R5 million okuthiwa izindleko zokuphinda umdlalo.

Akwehli kahle lokhu kwiBurkina Faso okuyiyona eqhwakele eqoqweni. Ukuguquka kwalo mphumela kungayisus­a esicongwen­i okuyikona okwenza ibhodle umlilo kwazise kuhamba izwe elilodwa eqoqweni ukuya eRussia.

Ngokwesita­timende esikhishwe usoseshini waseBurkin­a Faso, kucacisiwe ukuthi lolu daba luzodlulis­elwa enkantolo enkulu kunazo zonke emhlabeni kwezithint­a ezemidlalo. Kucelwe ukuba abantu baseBurkin­a Faso bangadikib­ali kepha bakholwe ukuthi izwe labo kuseyilona elihamba phambili kuleli qoqo. Okushiye uPotshoza exakekile ngalokhu ukuthi kungani iSafa ingazange ilwe ngoba kucacile ukuthi yona neSenegal abazange batholakal­e benomkhony­ovu ngesikhath­i kuphenywa uLamptey?

 ??  ??
 ??  ?? MZIKAYISE MASHABA
MZIKAYISE MASHABA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa