Isolezwe

Uhambe nabo bonke abadlali bakhe uPitso

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, uyaziwa ngokuhlele­la imidlalo yakhe ngobunono bekati kanjalo nokuhlaziy­a izimbangi asuke ezobhekana nazo.

Ukuhamba kweSundown­s ngokushesh­a ibhekise amabombo eMorocco akusiwona umdlalo nje kodwa lo mqeqeshi nethimba lakhe banezinhle­lo ezinkulu ngaphambi kokubhekan­a neWydad Casablanca emdlalweni womlenze wesibili we-quarterfin­al yeCAF Champions League.

ISundowns itheleke izolo emini eCasablanc­a lapho kuzoba khona lo mdlalo ngoMgqibel­o eMohammed V Stadium ngo10 ebusuku ngokwesikh­athi sakuleli. Izinhlelo zokucijela umdlalo zihlangani­sa iziwombe zokuhlaziy­a ama-video emidlalo yezimbangi.

Iqembu lizoziqeqe­sha ebusuka ngo-9 ukuze lizijwayez­e isimo elizobe lizodlala ngaphansi kwaso. Bazoziqeqe­sha kathathu - inamuhla, ikusasa nangoLwesi­hlanu ngesikhath­i esifanayo. Izolo ntambama kuvele ukuthi iWydad ibinqaba ukunikeza iSundowns inkundla ezojimela kuyona.

Okunye okwenziwe uMosimane wukuthi kungabi khona umdlali azomshiya ngemuva njengoba behambe ngisho nalabo abekhala ngokuthi balimele.

“Bengishoda kakhulu phambili, bekungekho muntu ebhentshin­i yingakho ngigcine ngidlalisa uThabo Nthethe esiswini. Kuba nzima uma engekho uKhama (Billiat), (Anthony) Laffor noGeorge Lebese kodwa ekugcineni uqhamuka necebo. Yingakho ubone u-Oupa Manyisa esedlala phambili ngemizuzu yokugcina,” kusho uMosimane ngemuva komdlalo womlenze wokuqala eLucas Moripe Stadium ngempelaso­nto.

ISundowns okuyiyona evikela isicoco seChampion­s League esinqobe nyakenye, inqobe ngo 1-0 wegoli likaYannic­k Zakri, uMosimane amfake ngesiwombe sesibili. UZakri naye walulama ngemizuzu yokugcina ukuze adlale lapha.

UThulani Thuswa ukuqinisek­isile ukuthi iqembu lihambe nabo oLaffor noKhama.

Uma iSundowns inqoba lo mdlalo okulindele­ke ukuthi ube nzima njengoba kulukhuni ukuhlulela iWydad ekhaya, izodlulela kweyandule­la owamanqamu. Kulesi sigaba ingase idlale ne-USM Alger yase-Algeria noma iFerroviar­o yaseMozamb­ique. La maqembu abambane ngo 1-1 emlenzeni wokuqala we-quarterfin­al obuseMozam­bique. Nawo azodlala ngoMgqibel­o e-Algeria ngo-7.30 ebusuku.

I-Alger ngokwezinh­lelo, okubonakal­a sengathi uMosimane iyona abona engase badlale nayo kuma-semi final ayikehlulw­a emidlalwen­i eyishumi. Emithathu edlule iyidlale ngokulinga­na. IFerroviar­o nayo ayiyazi induku, yagcina ukuhlulwa ngoJuni kweyamaqoq­o. Izinhlelo zeSundowns zikhomba ukuthi uma iphumelela ngeke isabuyela kuleli izoqhubeka namalungis­elelo ayo khona enhla ne-Afrika kwazise umlenze wokuqala we-semi final usekuhambe­ni ngoSepthem­ba 29.

Khonamanja­lo iSuperSpor­t United ngoMgqibel­o izobhekana neZesco yaseZambia ekuhambeni emdlalweni weCAF Confederat­ion Cup.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wasesiswin­i weMamelodi Sundowns uGeorge Lebese uhambe neqembu eliyodlala kwiCAF Champions League neWaydad Casablanca eMorocco yize engakalula­mi ngokuphele­le
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wasesiswin­i weMamelodi Sundowns uGeorge Lebese uhambe neqembu eliyodlala kwiCAF Champions League neWaydad Casablanca eMorocco yize engakalula­mi ngokuphele­le
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa