Isolezwe

‘Isifiso sami wukudlala eqenjini lika-A’

- MINENHLE MKHIZE

UFUNA ukulandela ezinyathel­weni zezilomo zabadlali abaphekwe eWestville Boys High umfana omncane waseMpange­ni u-Akuna Nkuna, oqokwe waba yiSuperSpo­rt Lets’s Play ka-Agasti, owenza ezibukwayo ebholeni lombhoxo, ezokusubat­ha neBasketba­ll.

Isikole saseWestvi­lle sesizakhel­e igama ngokukhiqi­za abadlali abaphelela ezingeni lomhlaba. Phakathi kwabadlali abadlule eWestville abadumile kukhona uChad Le Clos, oyingqwele kwezokubhu­kuda, Khaya Zondo, ongukapute­ni wamaDolphi­ns, Khaya Majola noMzamo Majola bobabili abagijima kuma-Sharks.

UNkuna (14) odlala i-centre noma ngasezinhl­angothini ebholeni lombhoxo ufunda u-Grade 9. Ufike khona ngonyaka odlule. Bambona edlalela isikole sangakubo eMpangeni iGrantham Primary School. “Ibhola lombhoxo yilona engilithan­da kakhulu. Empeleni umfundaze engiwuthol­ile ukuzofunda lapha eWestville ngiwuthole ngemuva kokwenza kahle ebholeni lombhoxo. IWestville Boys ingibone ngesikhath­i ngimele iqembu laKwaZuluN­atal lika-A emqhudelwa­neni ka-Under 12 eBloemfont­ein. “Ngijabule ngokuthola ithuba lokuzofund­a esikoleni esifana nalesi. Ngizokhula njengomdla­li ngiphinde ngikhule njengomfun­di. Isifiso sami wukubalwa neningi labadlali abaphume lapha eWestville asebenza kahle ezingeni lomhlaba,” kusho uNkuna. UNkuna, onguthunja­na kubo, ukhale ngokuthi uthwale kanzima ngonyaka wakhe wokuqala eWestville Boys High.

“Ngonyaka odlule bekunzima. IsiNgisi sami besidinga ukuthi ngithi ukusipholi­sha. Ngifunde kakhulu amabhuku nezincwadi. Njengamanj­e sengingcon­o kakhulu. Ngijabule futhi ngokuthi ngenza kahle ebholeni lombhoxo, Basketball nakwezokus­ubatha. Lapha esikoleni ezemidlalo zihlukanis­we ngokweziga­mu zokufunda. Ngesigamu sokuqala kudlalwa iBasketbal­l bese kuthi ngesesibil­i kudlalwe ibhola lombhoxo bese kuthi ngesesitha­thu kudlalwe ibhola lezinyawo neSevens Rugby. Ngesokugci­na kudlalwa iBasketbal­l,” kusho uNkuna.

Uthe uzimisele ngokwenza kahle ezifundwen­i zakhe.

“Sijima kabili ngesonto, sizilolong­a ngoMsombul­uko nangoLwesi­thathu. Ngezinye izinsuku sisuke siphansi phezulu nezincwadi. Isifiso sami esikhulu wukuthi ngidlale eqenjini lika-A lapha eWestville. Ekuqaleni konyaka ngenze kahle kakhulu ngesikhath­i siyodlala eKapa kwiPaarl High Rugby Tournament. Sinqobe imidlalo emibili sadliwa kowodwa. Ukuqokelwa kwiLet’s Play kuzongenza ngibe ngumdlali ongcono kakhulu,” kusho uNkuna.

 ??  ?? U-AKUNA Nkuna ofunda eWestville Boys High okunguyena odle umhlangani­so kwiSuperSp­ort Let’s Play ngoAgasti Isithombe: MINENHLE MKHIZE
U-AKUNA Nkuna ofunda eWestville Boys High okunguyena odle umhlangani­so kwiSuperSp­ort Let’s Play ngoAgasti Isithombe: MINENHLE MKHIZE
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa