Isolezwe

I-DA ifuna incazelo ngoluka-Apleni

- MAYIBONGWE MAQHINA

I-DA icele uNgqongqos­he woMnyango wezaseKhay­a uSolwazi Hlengiwe Mkhize ukuthi achaze kabanzi ngokumiswa koMqondisi Jikelele woMnyango wakhe uDkt Mkuseli Apleni.

“UNgqongosh­e kufanele asitshele ukuthi kungani emise umqondisi.

“Uma izizathu zakhe zingaphamb­ene nomthetho kufanele asitshele ngoba ukungaphum­eli obala kwakhela umnyango igama elibi,” kusho uMnuz Haniff Hoosen weDA .

Uthe uMnyango wezaseKhay­a udinga uzinzo ngoba igama lawo alilihle emuva kokunikwa komndeni wakwaGupta ubuzwe ngaphambi kwesikhath­i.

NgoLwesibi­li uSolwazi Mkhize uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngodaba lokumiswa kuka-Apleni ngoba ludingidwa ngaphakath­i, ukuhloniph­a imithetho yabasebenz­i.

UHaniff uthe lokhu akwanele ngoba akukwazi ukuthi kumiswe umqondisi jikelele ngaphandle kwencazelo emnyangwen­i kahulumeni.

Inyunyana yabasebenz­i uNehawu ikushayele izandla ukumiswa kuka-Apleni ikhala ngokuthi ubephethe ngesandla sensimbi.

Ummeli ka-Apleni uMnuz Sandile July uthe bazothatha izinyathel­o zomthetho ngokumiswa kwakhe.

U-Apleni akusiye umuntu wokuqala ukumiswa emnyangwen­i kahulumeni njengoba uMqondisi Jikelele woMnyango wezaManzi neNhlanzek­o uMnuz Dan Mashitisho esekhaya kanjalo nowoMnyang­o wezoLimo, amaHlathi nokuDoba uMnuz Mike Mlengana bemiswe ezinyangen­i ezimbili ezidlule.

Kuphinde kwashiya noMqondisi Jikelele woMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i uMnuz Zane Dangor ekuqaleni konyaka emuva kokubheda kobudlelwa­no bakhe nongqongqo­she uNkk Bathabile Dlamini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa