Isolezwe

Ubuyiswe ngo-elethu esikhundle­ni

- KHULEKANI MASEKO

UBUYISELWE ngo-elethu kwesikaSih­lalo weSantaco KwaZulu-Natal uMnuz Boy Zondi osekungokw­esibili ephethe lesi sikhundla.

Okhethweni obeluvalel­ekile lokukhetha isigungu sobuholi obuphezulu benhlangan­o eCoastland­s Hotel, eMhlanga, izolo, uZondi uphakanyis­we yizona zonke izifunda eziwu16 zenhlangan­o ebezimelwe yizithunyw­a eziwu-10 isifunda ngasinye. Ungomunye wabathathu ababuyele ezikhundle­ni zabo abebevele besesigung­wini.

UZondi uthe zonke izinhlelo ababe nazo zokuthuthu­kisa imboni yamatekisi zisazoqhub­eka.

“Ngibonga kakhulu kubafoweth­u bemboni abakhombis­e ukuthi basabethem­ba ubuholi bami. Esizoqinis­a kakhulu kukhona ezokuxhuma­na embonini nokukhulum­a nezinye izimboni ukwenza isiqinisek­o sokuthi imboni yethu iyalekelel­eka kwezezimal­i futhi iba ngephucuze­ke kakhulu,” kusho uZondi.

UMnuz Jabulani Manqele ubuye waba nguNobhala jikelele, isikhundla ebesipheth­we nguMnuz Dumisani Ntuli, uManqele eyiPhini lakhe. Kwathi uMnuz Robert Kenny wayiPhini lakhe. uMnuz Jeffrey Ngobese ubuyele kwesokuba yiTraining Officer.

UMnuz Sifiso Mthethwa uqokelwe kwesokuba yiPhini likaSihlal­o ebesipheth­we nguMnuz Bheki Mbambo kwathi uMnuz Bongani Mkhwanazi waqokwa kwesokuba nguMgcinim­afa ebesipheth­we nguMnuz Zibele Keswa.

Osezokhulu­mela inhlangano esifundazw­eni nguMnuz Sithembiso Duma obekuyisik­hundla ebesipheth­we nguMnuz Mandla Mzelemu.

Ngaphambi kokuthi kube nokhetho kuqale kwaba nomkhuleko EThekwini Community Church lapho bekukhulek­elwa ukuthi ukhetho lube nokuthula. UZondi uthe kukhulu asebekwenz­ile ukuphucula nokwenza ngcono isimo embonini yamatekisi.

“Sibe yisifundaz­we sokuqala ukuba nezindondo, amaSantaco KZN Awards lapho sihlonipha khona izifunda nososeshen­i abangaphan­si kwenhlanga­no abenza kahle ngakwezoku­phathwa kwabagibel­i. Siphinde saba nezindondo lapho sihlonipha khona abashayeli abaphatha kahle abagibeli,” kusho uZondi.

Uthe basebenze ngokuzinik­ela ukuqinisek­isa ukuthi izimvume zokusebenz­a zinikezwa abanikazi bamatekisi nokuqeda ukushaqwa kwamatekis­i nguMasipal­a weTheku ngenxa yokugqoza kokukhishw­a kwezimvume.

“Sizinikeli­le ekuqedeni izinxushus­hu kososeshen­i abaningi abangaphan­si kukaSANTAC­O, eMpangeni, obekukhona kubo uMnuz Phillip Taaibosch noMnuz Bafana Magagula oyimeneja yamaqhinga kuzwelonke nobuholi benhlangan­o eGauteng.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? USIHLALO weSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Boy Zondi, anga oyimenenja yamaqhinga kuzwelonke, uMnuz Bafana Magagula ngaphambi kokuba kuqale ukhetho lobuholi obuphezulu ezifundazw­eni
Isithombe: GCINA NDWALANE USIHLALO weSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Boy Zondi, anga oyimenenja yamaqhinga kuzwelonke, uMnuz Bafana Magagula ngaphambi kokuba kuqale ukhetho lobuholi obuphezulu ezifundazw­eni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa