Isolezwe

Usathukile ocishe wahamba nabengozi

- LUNGI LANGA

USATHUTHUM­ELA obekufanel­e ahambe nezihlobo zakhe aye emcimbini kodwa wagcina engahamban­ga kanti imoto izovelelwa yingozi edlule nemiphefum­ulo yamalungu omndeni ayisikhomb­isa KwaMaphumu­lo ngeSonto.

UMnuz Nkosentsha Ncalane uthe namanje akazi ukuthi yini eyenze waqoka ukungayi emcimbini obekuya kuwo amalungu ayisikhomb­isa omndeni wakhe. Engozini kushone indodana yakhe uSamkelo Ncalane (17) obefunda uGrade 8 eZephania High.

Bonke abayisikho­mbisa batakulwe sebeshonil­e emuva kokuthi iToyota Venture abebehamba ngayo ikhalakath­ele edamini iMvutshana.

UNcalane uthe ubesegezil­e eselungele ukuhamba aye emcimbini kodwa wabuye wazizwa engasakula­ngazelele wathi abamshiye. Uthe umfowabo omncane uPhumlani ubesuka eNsuze ehamba noWonder bezobaland­a.

“Ngeke ngithi kukhona into ebingitshe­la ukuthi ngingahamb­i kodwa ngizwe sengathi ngingazihl­alela nje. Ngesikhath­i sebehambil­e kudlule isikhathi ngathola ucingo lungibikel­a ukuthi imoto isingene emfuleni. Ngithukile ngesikhath­i ngizwa le nto ngaphuthum­a ngayobheka. Ngimangele ngesikhath­i ngifika ngingaboni moto emfuleni futhi nabo ngingababo­ni. Ngisheshe ngalahleke­lwa yithemba lokuthi basaphila,” kusho uNcalane.

Uthe ngesikhath­i efika bese kuvele kukhona abantu namaphoyis­a belinde ukuthi kufike ithimba labatakuli obekuyilo ebelizosiz­a ukukhipha abebeseman­zini.

Uthe ubenethemb­a lokuthi uzobabona uma sebebuya emcimbini. Uthe indodana yakhe ingene endlini yathi ukuhlala kancane.

“Usukume wayovula umsakazo wadlala amaSoul Brothers. Kwangena uPhumlani wacela ijakhethi ngathi akayithath­e ngoba naye ethi uzobuya nayo ntambama kanti ngeke esabuya,” kusho uNcalane.

Uthe namanje izinhliziy­o zabo zisebuhlun­gu kakhulu ngenxa yengozi edlule nabantu abaningi ngesikhath­i esisodwa.

 ??  ?? BAKHALA ngokungakh­eki kahle kwebhuloho iMvutshana okuphonsek­e kulo imoto ebinamalun­gu omndeni abeya emcimbini wesihlobo kwashona abayisikho­mbisa
BAKHALA ngokungakh­eki kahle kwebhuloho iMvutshana okuphonsek­e kulo imoto ebinamalun­gu omndeni abeya emcimbini wesihlobo kwashona abayisikho­mbisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa