Isolezwe

UZikalala uhlabe umbono kaMantashe

- ZIMASA MATIWANE

USIHLALO we-ANC KwaZuluNat­al uMnuz Sihle Zikalala ugxeke uNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Gwede Mantashe ngokuthi athi uMengameli Jacob Zuma kufanele anike izintambo iphini lakhe.

UMantashe uveze umbono wakhe kuTwitter ngeSonto.

UZikalala utshele amalungu e-ANC esifundeni iMusa Dladla, Empangeni ukuthi uMantashe akufanele eseke uhlangothi olulodwa njengomhol­i.

“UNobhala Jikelele uthi uma i-ANC ingakhethi iPhini likaMengam­eli ukuthi lingene esikhundle­ni sokwengame­la inhlangano izoba nenkinga. Awukwazi ukuba noNobhala Jikelele ohambisana nohlangoth­i oluthile futhi ongenayo intando yabantu. Kufanele avuleleke kuwo wonke amalungu e-ANC, alalele nemibono ehlukene,” kusho

uZikalala.

Uthe bazoqhubek­a nokweseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ukuthi aphathe ngoba ungumakade­bona emzabalazw­eni.

“Awukhethi noma ngubani ukuthi aphathe kodwa uqoka umuntu ozobumba inhlangano, alwe nenkohlaka­lo nokuqashwa kwabantu ngobuhlobo nezinye izingqinam­ba. Njengamanj­e sifuna inkululeko yomnotho, sifuna umholi ozothuthuk­isa impilo yabantu bakithi,” kusho uZikalala.

Uthe uDkt Dlamini Zuma ngumholi ozobumba i-ANC alethe nentuthuko yomnotho ngoba abamnyama basasele ngaphandle.

UZikalala uthe i-ANC idinga umholi ozohlala nabantu kukuhle noma kukubi hhayi ozohamba uma kukhona angakuthan­di, abuye uma isimo sesihambis­ana naye.

“Umlando we-ANC ubhalwe phansi, abantu ababezibon­a bengamaphi­ni kamengamel­i ngo1994 kwathi uma behlulwa bashiya kwi-ANC. Labo bantu ngeke bayibumbe i-ANC ngoba abakwazi ukubekezel­a uma izikhathi sezinzima,” kusho uZikalala.

UDkt Dlamini Zuma naye ugxeke uMantashe ethi awukho umthetho we-ANC othi uma kuqokwa umengameli kufanele kuchazwe kabanzi ngalesi sinqumo.

Ukhale ngokuthi uqhekeko luqala uma abantu bakha izinto ezingekho bengalande­li umthethosi­sekelo we-ANC.

“Umthethosi­sekelo uthi zonke izikhundla zivuleleki­le. Yingakho njalo emuva kweminyaka emihlanu siba nokhetho. Awukho umthetho othi kunesikhun­dla esibekelwe umuntu oyiPhini likaMengam­eli,” kusho uDkt Dlamini Zuma.

Unxuse abantu ukuthi babumbane emuva kwengqungq­uthela kaDisemba yokukhetha ubuholi.

“Uma sesihamba engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi kufanele sisebenzis­ane nabaqokiwe,” kusho uDkt Dlamini Zuma.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa