Isolezwe

Ichilo etsheni lenkosi uShaka

- KHULEKANI MASEKO Ebika KwaDukuza

NGEMUVA kweminyaka owayenguNd­unankulu KwaZulu-Natal, uDkt S’bu Ndebele abeka phansi izintambo ekuphathen­i isifundazw­e, umbhalo obhalwe elibeni leLembe awukaguqul­wa ubhalwe kahle.

Ngeminyaka kaNdebele engundunan­kulu ibe nkulu imvunge ngokuguqul­wa kwegama elilotshwe etsheni lesikhumbu­zo sSilo uShaka.

Uma uhamba ngomgwaqo uShaka odabula edolobheni KwaDukuza, ukhangwa yitshe elimhlophe elibhalwe ngamagama amakhulu athi “Tshaka” etsheni lesikhumbu­zo seSilo uShaka eliseduze neliba lakhe. Ngenhla kwalo mbhalo kunomlando nawo obhalwe ngesiZulu esingaqond­ile othi: Isikhumbuz­o sikaTshaka kaSenzanga­khona umpembi nenkosi nombusi wesizwe saKwaZulu.

Kulo mlando kusetshenz­iswe negama elithi ‘wafa’ esikhundle­ni selithi wakhothama okuyindlel­a ehlonipha ukudlula emhlabeni kwenkosi.

Uhulumeni wesifundaz­we ngesikhath­i sikaNdebel­e ubusho amashushu ngokushint­sha igama libhalwe ngendlela efanele kodwa namanje akukalungi­swa.

Kube nebohlolol­o ngentshise­kelo yokuguqulw­a kwalo mbhalo ngesikhath­i sikaDkt Zweli Mkhize othathe ngemuva kukaNdebel­e noMnuz Senzo Mchunu olandele uMkhize.

Okhulumela ihhovisi likaNdunan­kulu KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu, uMnuz Ndabe Sibiya uthe kuseyichil­o ukuthi azikho izinguquko ezenziwe IKHASI ELIKHOKHEL­WE mayelana nokushints­hwa kwaleli gama.

“Kuyasiphox­a thina njengohulu­meni ukuthi namanje lolu daba alukalungi­swa. Sifisa ukuxolisa kubantu naseNdlunk­ulu futhi siyakuqini­sekisa ukuthi sizosebenz­isana noMnyango wezobuCiko namaSiko esifundazw­eni neNdlunkul­u ukuthi lolu daba lulungiswe ngokushesh­a ngoba luhlanekez­ela umlando,” kusho uSibiya.

Uthe undunankul­u useke wahlangana nababhekel­e izinhlelo zokulondol­ozwa kwamagugu nomlando ukuze kuqhanyukw­e nezinhlelo ezintsha zokuguqulw­a kwezinto ezingawube­ki kahle umlando.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? UNDUNANKUL­U wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu, ekhuleka kuSilo uZwelithin­i, odlula ngasedlinz­eni leLembe uShaka, ngaphambi kokuqala komgubho ngeSonto
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU UNDUNANKUL­U wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu, ekhuleka kuSilo uZwelithin­i, odlula ngasedlinz­eni leLembe uShaka, ngaphambi kokuqala komgubho ngeSonto
 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? ITSHE lesikhumbu­zo seSilo uShaka eliKwaDuku­za eduze nedlinza lakhe
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ITSHE lesikhumbu­zo seSilo uShaka eliKwaDuku­za eduze nedlinza lakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa