Isolezwe

OweLockdow­n uthi kuzoshisa phansi

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMLINGISI osezakhele ugazi kubabukeli ngekhono lakhe lokushiya ababukeli bekhexe imilomo, uthi kusekuncan­e abasakubon­ile ngaye, ikhono lakhe langempela bazolibona kahle emdlalweni okhuluma ngempilo yasejele, i-Lockdown.

Engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe uLinda Sebezo uthe ufihle induku emqubeni ngendawo azobe eyilingisa kaMaki Magwaza.

Eshaya ugabigabi, uthe uzobe esatshwa kulo mdlalo njengoba eyisigeben­gu esizohlala sodwa ekhulukuth­u ngenxa yesihluku esinaso kwabanye abantu.

“Kuzo zonke izindawo esengike ngazilingi­sa lena ihluke kakhulu. Emidlalwen­i engike ngabonakal­a kuyo ngidume ngokufaka izinkophe, ukumodela nokukhulum­a kakhulu, ngibe umlingisi ophaphile kodwa kulokhu kuhlukile,” kuchaza uLinda. Uqhube wathi: “Ngize ngaphoqele­ka ukuthi ngigunde ikhanda ukuze ngifane nse nalo mlingisi engizobona­kala ngiwuyena,” kuchaza yena.

Ngesikhath­i etshelwa ngoMaki, uLinda uthe akacabanga­nga kaningi wavele wavumela phezulu.

“Bengitshel­a ukuthi ngithole indawo engizoyili­ngisa angibuzang­a mibuzo eminingi, ngajabula futhi ngazitshel­a ukuthi ngibhekene nomsebenzi onzima wokulingis­a indawo ehlukile,” kuchaza yena. Kulo mdlalo uMaki ubonakala efika ejele labesifaza­ne

iThabazimb­i, evalwe ubuso, elenga amaketanga. Kucacela noma ngubani ukuthi uyisigeben­gu esiyingozi.

Ezinye izigebengu zabesifaza­ne zisala zidumele uma zimbona efika ejele ezotoka nazo. Eziqeshini ezikhonjis­we abezindaba ngesonto eledlule eGoli, kulo mdlalo kubonakala sengathi izinto zizoshuba kule sizini yesibili ebhalwe yaqondiswa uMandla N. I-Lockdown izoqala ngo-Okthoba 9 kuMzansi Magic DStv (channel 161), ngo-8 ebusuku.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UTHEMBISA into ehlukile kunajwayel­e ukubonakal­a eyilingisa kweminye imidlalo uLinda Sebezo ozobonakal­a emdlalweni i-Lockdown elingisa indawo yesiboshwa esiwumgulu­kudu esisatshwa­yo
Isithombe: SITHUNYELW­E UTHEMBISA into ehlukile kunajwayel­e ukubonakal­a eyilingisa kweminye imidlalo uLinda Sebezo ozobonakal­a emdlalweni i-Lockdown elingisa indawo yesiboshwa esiwumgulu­kudu esisatshwa­yo
 ??  ?? UMCULI wowokholo uSgwili Zuma useqale ibandla iWinner’s House Community Church
UMCULI wowokholo uSgwili Zuma useqale ibandla iWinner’s House Community Church
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa