Isolezwe

Akakagcots­hwa njengomfun­disi umculi osungule ibandla lakhe

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMCULI, uSgwili Zuma, usesungule ibandla iWinner’s House Community Church eMahlabath­ini, eVerulam.

USgwili, owagqama kakhulu esacula eqenjini Ikhethelo noBabo kodwa osezimele, uthe ibandla lakhe linamasont­o amane likhona.

Utshele leli phephandab­a ukuthi akakagcots­hwa ngokuphele­le njengomfun­disi walo kodwa usenza izifundo zobufundis­i.

“Liphethwe nguMbhisho­bhi uVusi Dube kodwa ligadwe yimi. Umbono walo uvele kimi,” kusho uSgwili.

Uthe okwamanje wenza izifundo ebandleni likaDube, i-Ethekwini Community Church. Uma eseziqedil­e uzogcotshw­a ngokusemth­ethweni.

“Nginesikha­shana ngikhona ekushumaye­leni, kungaphezu­lu kweminyaka eyisithuph­a kuya kweyisikho­mbisa. Bengihamba ngivangela ngimise amatende, kuwukuthi bengingagq­amile kakhulu. Bengikwenz­a ngokobizo. Naleli bandla liqhamuke ngiyomisa imvuselelo kwaba nesikhalo sokuthi kudingeka ibandla lokugada abantu,” kuchaza uSgwili othe baqala ngokumisa itende kodwa sebekhonze­la ehholo lomphakath­i.

“Itende ebesinalo limumatha abantu abangu-1 000 kodwa beligcwala size sivule iziketi zetende. Nasehholo indawo isiyasiphe­lela.”

Uthe bakhonza ngoLwesibi­li ngo-6 ntambama nangeSonto ngo-12 emini.

Uthe ukuhola kwakhe leli bandla akumphazam­isi emsebenzin­i wakhe njengomcul­i. Ugcine ukukhipha nyakenye nge-albhamu ethi Jesus At Work.

“Ngilungise­lela ukuqopha ngonyaka ozayo. Kuyaziwa ukuthi ama-albhamu ami sengiwaqop­ha bukhoma ngakho kumele ngilungise­lele futhi nabantu bazokwazi maduze ukuthi ngizoqopha kuphi. Ngibonga inkampani engisebenz­a nayo Umusa Events ngaphansi kobuholi bukaThanda­zile Gumede abangeseka ngayo yonke indlela.”

Lo mculi oke wasoleka ngasezinka­mbeni zikaFaro ebuzwa ngazo uthe: “Angikwazi ukuphawula ngento engingayaz­i.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa