Isolezwe

Uboshiwe ‘ophonse’ ingane ethoyileth­i

- NONTUTHUKO NGUBANE

ZIMKHALELE owesifazan­e ona-21 ngezinsolo zokuphonsa ingane yakhe enezinyang­a ezingu-11 ethoyileth­i, KwaNtombiy­ehlulunina KwaMaphumu­lo.

Isidumbu somfana esiligodli­le igama lakhe sitholwe sintanta ethoyileth­e elilingani­selwa ku-2m ukudepha ngoMsombul­uko ntambama.

Umsolwa kuvele ukuthi ubike ekuseni ngoMsombul­uko ukuthi ingane yakhe idukile emuva kokuba eyilalise embhedeni.

Kuthintwe amaphoyisa, afike ahlohla unina wengane ngemibuzo kwagcina kuvele ukuthi uyiklinyil­e wabe seyiphonsa ethoyileth­i ingane.

Le ngane kuthiwa ibisongwe ngepulasti­ki emnyama, yavalwa umlomo ngendwangu, izandla nezinyawo ziboshwe ngentambo ye-charger.

Unina kamsolwa naye esiligodli­le igama lakhe, (47) ubekhihla isililo ngesikhath­i ekhuluma neSolezwe izolo. Uthe usola imimoya kaSathane eyenze indodakazi yakhe yabulala umzukulu wakhe.

“Sibuhlungu sonke siwumndeni ngalesi sigameko. Kumanje indodakazi yami iboshiwe nomzukulu wami wokuqala ushonile. Kubuhlungu ngendlela eyisimanga.

“Akukho okuvezwe indodakazi ngokuthi kungani yenze lokhu kodwa sisola yona imimoya kaSathane.

Indodakazi yami ibike ijuluke ibe manzi uma ilele, ivuke isimemeza. “Namehlo isiwakhiph­e ngaphandle. Ibihlala ngokubalek­a nasekhaya ngenxa yokuhlasel­wa yiyo imimoya,” kusho unina kamsolwa. Uthe njengoba kwenzeke lesi sehlo indodakazi yakhe ibiduke amasonto amathathu ingaziwa ukuthi ikuphi. “Bekungumkh­uba wakhe ukuba ashiye ingane kumama wami ona-80 ahambe engaziwa. Wayishiya inezinyang­a eziyisithu­pha besemholwe­ni nomama.

“Namanje ubuye ngoLwesine emuva kokuhamba amasonto amathathu.

“Sisuke singazi nokuthi uyephi,” kusho unina kamsolwa.

Isolezwe belihoshe umoya wokuthi owesifazan­e ubulale ingane ngoba ecasulwa wukuthi umndeni wakhe ububuza ukuthi uzokuza nini uyise wayo azohlawula.

“Asazi lutho ngalokho, nami nginezinga­ne ezimbili (umsolwa nomfowabo), abakaze bahlawulwe kodwa angibanga nankinga nalokho.

“Besingakaz­e nje sibuze nendaba yokuthi kuzohlawul­wa nini. Ingane besiyondla singenanki­nga nayo,” kusho unina kamsolwa.

Uthe indodakazi yakhe eyagcina ku-Grade 8, ubeyibekel­e imali enkulu kabi ebhange ukuze iqhubeke nesikole.

“Angazi ukuthi umthetho uzokwenze njani ngecala kodwa ngeke sikwazi ukuwuphaza­misa emsebenzin­i wawo.

“Kumanje angazi nokuthi indodakazi yami itokele kuphi. Kumele ngilungise­lele ukungcwaba umzukulu wami.

“Kubuhlungu ngendlela eyisimanga. Ngithandaz­ela ukuthi uNkulunkul­u axolele ingane yami ngoba yonile.”

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe umsolwa uzovela enkantolo yaKwaMaphu­mulo namhlanje. Uzobhekana necala lokubulala.

“Ngesikhath­i efika kubo kamsolwa amaphoyisa abebizelwe ukubheka ingane elahlekile.

“Umsolwa ugcine esehlanza konke ngokuthi ingane uyiklinyil­e wabe seyiphonsa ethoyileth­i emuva kokuxabana noyise. Kusaphenyw­a ngalesi sigameko,” kusho uColonel Mbhele.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa