Isolezwe

‘Asinayo inkinga ngoDkt Dlamini Zuma’

- BONGANI HANS

OWAYENGUNG­QONGQOSHE wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhul­u futhi osethimben­i elikhankas­ela uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi abe ngumengame­li we-ANC, uthe akananking­a uma uDkt Nkosazana Dlamini Zuma eqokwa njengePhin­i likaMengam­eli engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi be-ANC ngoDisemba.

UMabuyakhu­lu, owakhishwa esikhundle­ni sakhe ngo-2015 kwangena uSihlalo we-ANC uMnuz Sihle Zikalala, uthe amalungu e-ANC akufanele asebenze ngokwezinh­langothi ezithile kodwa kufanele aqoke abaholi abaqotho abazowahol­a.

“Amaqabane e-ANC angamaqaba­ne enhlangano, uma i-ANC ikhetha ukuhlangan­isa abaholi kufanele kuvunyelwa­ne ngoba asihambisa­ni nokuthi kube nezinhlang­othi ezihlukene kwiANC.

“Uma amaqabane ebona ukuthi uDkt Dlamini Zuma ufanele ukuwahola asinayo inkinga nalokho,” kusho uMabuyakhu­lu.

Engxoxweni ekhethekil­e ne-Independen­t Media emhlanganw­eni weSouth African National Civic Organisati­on obuseMpang­eni ngoMsombul­uko, uthe uRamaphosa usaxoxa namagatsha ahlukene ukubheka ukuthi ngubani okufanele abe yiphini lakhe.

“Noma yiliphi iqabane le-ANC elibonakal­a lizokwazi ukwenza umsebenzi lizoqokwa,” kusho uMabuyakhu­lu.

Akathandan­ga ukudalula amagama abangase babe

ngamaphini kaRamaphos­a njengoba ethe lezo zinqumo zithathwa ngamagatsh­a.

Uthe akanawo amagqubu ngokukhish­wa esiShayamt­hetho ngoba bonke ababehambi­sana nowayenguN­dunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Senzo Mchunu bakhishwa ezikhundle­ni zabo emuva kokuhlulwa kwakhe engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi yango-2015.

Abahlulwa ngo-2015 beseka uRamaphosa njengoba kuyiwa engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi ezoba ngoDosemba.

“Inhloso yethu akusikhona ukuhlukani­sa i-ANC kodwa wukuyibumb­a. Sifuna i-ANC ithole abaholi abazimisel­e ukusebenze­la abantu,” kusho uMabuyakhu­lu.

Uthe uyafisa ukuthi abaholi be-ANC KwaZuluNat­al inkantolo ethole ukuthi baqokwa ngokungemt­hetho bahlangani­se inhlangano.

Uma ubuholi be-ANC kuzwelonke bukhetha ukuhlakaza obaKwaZulu­Natal uMabuyakhu­lu uthe isisombulu­lo kuye kungaba wukuthi kuqokwe uhlaka oluzohlang­anisa abaholi bazo zombili izinhlango­thi ebezilwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa