Isolezwe

Bazosala bodwa othisha beteleka

- MHLENGI SHANGASE

amalungu abo abe sezikoleni namhlanje.

Uthe iNatu ayikaze iyixoxe eyokuthi uMengameli Jacob Zuma uyaphuma noma uyahlala esikhundle­ni sakhe.

“Sizobe sisebenza kusasa ngoba sizobe singekho esiteleken­i. Umnyango kumele wenze izinhlelo zokuthi othisha bethu bangahluku­mezeki ngenxa yokuthi bazobe besebenza. Kunezikhat­hi lapho obuthola ukuthi amalungu ethu awekho esiteleken­i bese ehlukunyez­wa yilabo abatelekil­e,” kusho uThompson.

Ucele labo abazobe beteleka ukuthi bahloniphe ilungelo leNatu lokuthi ayiteleki ngoba ayikho kwiCosatu.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe othisha bahlale bezinikela besebenza ngempelaso­nto bengabheke nkokhelo.

Uthe uthemba ukuthi bazokwenza okufanele njengabant­u THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook abangabaza­li (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma bezingane. umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. Okhulumela

uMnyango weMfundo eyiSisekel­o kuzwelonke, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe balindele ukuthi othisha bashiye benze umsebenzi wabo njengoba kunesitele­ka.

Uthe ngalesi sikhathi bamatasa benza amaripoti abafundi njengoba kuvalwa ngoLwesihl­anu.

“Isiteleka sizosilima­za ngoba othisha bazobe bengekho kodwa izikole zizobe zivuliwe njengenjwa­yelo.

“Siyethemba bazoshiya bekwenzile okulindele­ke kubona,” kusho uMhlanga. BAZOSALA bencela izithupha abafundi kwezinye izikole ezweni ngenxa yokuthi othisha abangamalu­ngu eSadtu bazohlanga­nyela esiteleken­i seCosatu ezweni lonke.

ISadtu KwaZulu-Natal inxuse abazali ukuthi bagcine izingane zabo emakhaya ukuze ziphephe ngoba othisha bezobe besesitele­keni.

UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe bonke othisha babo bazobe besesitele­keni.

Uthe abekho abazoqondi­swa ubugwegwe ngenxa yokulova.

“Silindele wonke amalungu ethu ukuthi abe sesiteleke­ni seCosatu eThekwini. Asilindele uthisha oyilungu leSadtu ukuthi abe sesikoleni kusasa (namhlanje),” kusho uNksz Caluza.

Uthe labo abangeke baphumelel­e kumele bahlale emakhaya.

“Izikole kumele zenze izinhlelo nabazali zokuthi yikuphi okuzokwenz­eka. Othisha abangasats­hiswa akukho okuzokwenz­eka kubona kusasa uma belova ngoba isiteleka sisemtheth­weni,” kusho uNksz Caluza. ISadtu kuzwelonke nayo ime kwelokuthi ayilindele amalungu ayo ukuthi abe sezikoleni kusasa njengoba kunalesi siteleka.

NgoLwesihl­anu ziyavalwa izikole.

Abafundi bakwa-matric babhala izivivinyo ezandulela ezokuphela konyaka.

UMnuz Allen Thompson, oyiPhini likamengam­eli weNatu, uthe balindele ukuthi

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa