Isolezwe

I-Cosatu iqinisa idolo amalungu ayo ngesitelek­a

- MHLENGI SHANGASE

UMFELANDAW­ONYE wezinyunya­na zabasebenz­i iCosatu usutshele amalungu awo ukuthi awangasabi ukuthi azobanjelw­a imali noma aqondiswe ubugwegwe ngokutelek­a usuku olulodwa ngoba isiteleka sisemtheth­weni.

UNobhala weCosatu KwaZulu-Natal, uMnuz Edwin Mkhize, uthe akekho umsebenzi ongaphansi kweCosatu ozothathel­wa izinyathel­o ngoba nakhu etelekile.

“Silindele amalungu ethu avela kuzona zonke izinyunyan­a ukuthi abe sesiteleke­ni esizomisa yonke into eThekwini namhlanje. Isiteleka sisemtheth­weni ngakho akekho ozoxoshwa noma athathelwe izinyathel­o ngokulova kwakhe,” kusho uMkhize.

Ukusho lokhu izolo ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a eThekwini lapho ebekhuluma khona ngemashi ezosuka epaki kuBotha iphelele enkabeni yedolobha yokulwa nokulahlek­a kwemiseben­zi, ukuhamba kancane kokuqokwa kwekhomish­ini ezophenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana, inkohlakal­o kuhulumeni nokuqedwa kwamalabou­r brokers.

Uthe balindele amalungu avela kwiSadtu, Nehawu, Denosa, Ceppawu, Cwu, Cwusa, Limusa, Sactwu, Satawu, Sasbo, Popcru, Num, Pawusa, Sama neSafpu.

Uqhube wathi balindele nalabo abangasebe­nzi njengoba intsha eningi ingasebenz­i.

“Inqwaba yabaneziqu ayisebenzi. Abantu badiliziwe yingakho sithi noma ngubani wamukeleki­le. Lokhu sikwenza ngoba sifuna ukutshengi­sa uhulumeni ukuthi sekwanele sifuna zilungiswe izinto esikhala ngazo ezinye zazo osekunesik­hathi sikhala ngazo,” kusho uMkhize.

Uthe umbiko wakamuva mayelana nobubha kuleli ubalula ukuthi uhhafu wabantu bakuleli bayahluphe­ka. “Asikwazi ke ukuthi singahlala sithule abantu behlupheka. Kumele sisukume silwe nokuthi abantu bathole imisebenzi ukuze baphume ebubheni,” kuqhuba uMkhize. Uthe uma ingaphenyw­a ngokushesh­a eyokulawul­wa kombuso yidlanzana izinkampan­i zizoqhubek­a zidilize abasebenzi.

“Yingakho sihlaba ikhwelo lokuthi uZuma (umengameli) akasheshis­e ngekhomish­ini ezophenya izinsolo zokulawulw­a kombuso yidlanzana. Lokhu siyazi ukuthi akuyona into entsha yingakho simile kwelokuthi akayenze ngokushesh­a.”

Uthe izinkampan­i zikahulume­ni zitakulwa enkingeni yemali ngezimpesh­eni zabasebenz­i bahulumeni.

Uhlu lwezikhalo luzonikwa uNdunankul­u uMnuz Willies Mchunu, iDurban Chamber of Commerce noMnyango wezabaSebe­nzi.

 ?? Isithombe: MHLENGI SHANGASE ?? UMENGAMELI weCosatu uMnuz Sdumo Dlamini uchitha eyokuthi uke waba selivini yamasonto amabili njengoba ethi akaguli futhi yena uyasebenza
Isithombe: MHLENGI SHANGASE UMENGAMELI weCosatu uMnuz Sdumo Dlamini uchitha eyokuthi uke waba selivini yamasonto amabili njengoba ethi akaguli futhi yena uyasebenza
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa