Isolezwe

Uphika eyokugula umengameli weCosatu

- MHLENGI SHANGASE

ANGIGULI mina, ngiphile saka, angikaze ngiye elivini.” Lawa ngamazwi kaMengamel­i weCosatu uMnuz Sdumo Dlamini ephendula ngezinsolo zokuthi uke wahlaba ilivu yamasonto amabili yokugula njengoba engabonaka­li kulezi zinsuku.

Kunemibiko yokuthi selokhu kwathelwa ngehlazo uMengameli Jacob Zuma kuliwa ngaphambi kokuba athule inkulumo ngosuku lwabaseben­zi ngoMeyi 1, eBloemfont­ein okwagcina ngokuthi uvalwe umcimbi uZuma engasakhul­umanga, uDlamini akabonwa nangalukha­lo ezintweni zeCosatu.

Izolo uthe uke waya phesheya izinsuku ezine kodwa akakaze agule.

“Njengoba ningibona nje ngiwumqema­ne, angiguli. Abathi ngiselivin­i abantu abanezinhl­oso zabo. Abantu abangaphak­athi kumadlelan­dawonye abasabalal­isa amanga ngami. Angiguli, angikaze ngithathe ilivu yamasonto amabili,” kusho uDlamini.

Ebuzwa yiSolezwe njengoba ebezwakala ukuthi unomkhuhla­ne, uthe: “Ngihamba nawo, akuyona kodwa into engangenza ukuthi ngiye elivini.”

Ngisho esithangam­ini sabezindab­a eGoli izolo, ubuholi beCosatu buthe uDlamini uselivini.

UDlamini yena ukuchithil­e lokhu wathi wenza imisebenzi yeCosatu njengoba ezobe ethula inkulumo eThekwini namhlanje.

“Ngijutshwe emashini yaKwaZuluN­atal njengoba nabanye abaholi bezobe bekwezinye izifundazw­e. Ngike ngafika la ngizokhulu­ma kunomhlang­ano weCosatu eThekwini, abezindaba basheshe bahamba ngingakakh­ulumi. Kwakhuluma uCele (Bheki) noNzimande (Dkt Blade-uNobhala wamaKhoman­isi) abezindaba bahamba ngingakakh­ulumi angazi kungani bashesha bahamba, ngakho ngiyaseben­za ngenza imisebenzi yeCosatu,” kusho uDlamini.

Uthe uzophindel­a eGoli uma sekuphele imashi yaseThekwi­ni. “EGoli ngizohamba uma sekuphele imashi yaseThekwi­ni ngiyoqhube­ka nemisebenz­i yeCosatu. Anginibizi uma ngiya kokwenza imisebenzi yeCosatu, ingakho kuthiwa angibonaka­li,” kusho uDlamini.

UDlamini uthe isehlakalo sangoMeyi 1, sokulwa kwamalungu eCosatu ayengamfun­i uZuma sabulimaza ubudlelwan­o ne-ANC, wathi sabahlaza lesi simo.

“Kusamele sihlangane ne-ANC mayelana nalolu daba, lwasihlaza kakhulu. Asikaze sikhulume ne-ANC ngalolu daba, kusamele sithole usuku sixoxe ngakho.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa