Uphika eyokugula umengameli weCosatu
ANGIGULI mina, ngiphile saka, angikaze ngiye elivini.” Lawa ngamazwi kaMengameli weCosatu uMnuz Sdumo Dlamini ephendula ngezinsolo zokuthi uke wahlaba ilivu yamasonto amabili yokugula njengoba engabonakali kulezi zinsuku.
Kunemibiko yokuthi selokhu kwathelwa ngehlazo uMengameli Jacob Zuma kuliwa ngaphambi kokuba athule inkulumo ngosuku lwabasebenzi ngoMeyi 1, eBloemfontein okwagcina ngokuthi uvalwe umcimbi uZuma engasakhulumanga, uDlamini akabonwa nangalukhalo ezintweni zeCosatu.
Izolo uthe uke waya phesheya izinsuku ezine kodwa akakaze agule.
“Njengoba ningibona nje ngiwumqemane, angiguli. Abathi ngiselivini abantu abanezinhloso zabo. Abantu abangaphakathi kumadlelandawonye abasabalalisa amanga ngami. Angiguli, angikaze ngithathe ilivu yamasonto amabili,” kusho uDlamini.
Ebuzwa yiSolezwe njengoba ebezwakala ukuthi unomkhuhlane, uthe: “Ngihamba nawo, akuyona kodwa into engangenza ukuthi ngiye elivini.”
Ngisho esithangamini sabezindaba eGoli izolo, ubuholi beCosatu buthe uDlamini uselivini.
UDlamini yena ukuchithile lokhu wathi wenza imisebenzi yeCosatu njengoba ezobe ethula inkulumo eThekwini namhlanje.
“Ngijutshwe emashini yaKwaZuluNatal njengoba nabanye abaholi bezobe bekwezinye izifundazwe. Ngike ngafika la ngizokhuluma kunomhlangano weCosatu eThekwini, abezindaba basheshe bahamba ngingakakhulumi. Kwakhuluma uCele (Bheki) noNzimande (Dkt Blade-uNobhala wamaKhomanisi) abezindaba bahamba ngingakakhulumi angazi kungani bashesha bahamba, ngakho ngiyasebenza ngenza imisebenzi yeCosatu,” kusho uDlamini.
Uthe uzophindela eGoli uma sekuphele imashi yaseThekwini. “EGoli ngizohamba uma sekuphele imashi yaseThekwini ngiyoqhubeka nemisebenzi yeCosatu. Anginibizi uma ngiya kokwenza imisebenzi yeCosatu, ingakho kuthiwa angibonakali,” kusho uDlamini.
UDlamini uthe isehlakalo sangoMeyi 1, sokulwa kwamalungu eCosatu ayengamfuni uZuma sabulimaza ubudlelwano ne-ANC, wathi sabahlaza lesi simo.
“Kusamele sihlangane ne-ANC mayelana nalolu daba, lwasihlaza kakhulu. Asikaze sikhulume ne-ANC ngalolu daba, kusamele sithole usuku sixoxe ngakho.”