Isolezwe

Iphephile imali yabasebenz­i: Matjila

- BONISWA MOHALE

ISIKHULU esiphezulu sePublic Investment Corporatio­n (PIC), uMnuz Dan Matjila, sithi iphephile imali yabasebenz­i futhi ngeke bayisebenz­ise budlabha.

UMatjila usho lokhu esithangam­ini nabezindab­a ebesiseGau­teng izolo ngemuva kwemibiko ethi uhulumeni uhlela ukusebenzi­sa impesheni yabasebenz­i ukutakula izinkampan­i eziwayo okubalwa kuzo iSAA, Eskom nezinye.

“Impesheni yabasebenz­i bahulumeni iphephile, senza umsebenzi omuhle wokuyinake­kela. Sike sixoxe nezinkampa­ni zikahulume­ni ezidinga ukubolekwa imali kodwa ayikho inkampani esesivumel­ene nayo ukuthi sizoyibole­ka imali,” kusho uMatjila.

Uthe abasebenzi bahulumeni kufanele bakhululek­e ngoba imali yabo iqashwe ngeso lokhozi.

UNgqongqos­he weziMali, uMnuz Malusi Gigaba, uthe akakaze aboleke imali kwiPIC futhi akagxambuk­eli ezindabeni zokuphathw­a kwayo.

“Azikho izinhlelo zokusebenz­isa imali yabasebenz­i bahulumeni budlabha. Angikaze ngicele uxhaso futhi abasebenzi kufanele bazi ukuthi imali yabo iphephile akukho okubi esikuhlela­yo,” kusho uGigaba.

Uthe imphatha kabi imibiko yabezindab­a ehudulela phansi igama lakhe ngoba yena akagxambuk­eli ezindabeni zokuphathw­a kwezinkamp­ani zikahulume­ni.

UMqondisi jikelele woMnyango weziMali, uMnuz Dondo Mogajane, uvumile ukuthi iSAA okufanele ikhokhe isikweletu sika-R6.8 billion isike yaxoxa nePIC ifuna ukubolekwa imali.

“ISAA iqale ukuxoxa nePIC ngoMeyi ifuna ukutakulwa kodwa asikho isivumelwa­no okwafinyel­elwa kuso. Ngalesi sikhathi kwathiwa kuno-R1.8 billion kuphela ongasiza iSAA kwabonakal­a ukuthi ngeke usize ngalutho,” kusho uMogajane.

Uthe kuke kwaba nohlelo lokuthi makudayisw­e amasheya akwaTelkom ukuze kulekelwe izinkampan­i zikahulume­ni.

“Mayelana nodaba lokutakula iSAA sisabheka ukuthi yiluphi uhlelo esingalwen­za. Asikaze kodwa sicele ukuxhaswa ngo-R10 billion. Sisaxoxa nePIC nabanye abangase basitakule,” kusho uMogajane.

IPhini likaNgqong­qoshe weziMali, uMnuz Sfiso Buthelezi, uziphikisi­le izinsolo zokuthi kunabantu abafuna ukususa isikhulu esiphezulu sePIC.

“Abekho abantu abafuna ukukhipha isikhulu esiphezulu esikhundle­ni. Ibhodi linamalung­u awu-13, mathathu kuphela aqokwa nguNgqongq­oshe. Imali yabasebenz­i bahulumeni iphephile,” kusho uButhelezi.

INehawu ikwamukele ukuthi akukho mali yabasebenz­i ezoxhashaz­wa.

 ?? Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI ?? ISIKHULU esiphezulu sePIC, uMnuz Dan uMatjila, sithi abasebenzi bahulumeni kufanele bazi ukuthi imali yabo iqashwe ngeso lokhozi ngeke ibolekwe abantu abangeke bakwazi ukuyikhokh­a
Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI ISIKHULU esiphezulu sePIC, uMnuz Dan uMatjila, sithi abasebenzi bahulumeni kufanele bazi ukuthi imali yabo iqashwe ngeso lokhozi ngeke ibolekwe abantu abangeke bakwazi ukuyikhokh­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa