Isolezwe

UMthembu weseke okushiwo wuMantashe ngesikhund­la

- MAYIBONGWE MAQHINA

USOTSWEBHU we-ANC ePhalamend­e uMnuz Jackson Mthembu uvikele uNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe ngokumemez­ela ukuthi ufuna kungene bani esikhundle­ni sokwengame­la i-ANC.

UMthembu obekhuluma namakholwa ebandla i-United African Apostolic Church eVenda ngempelaso­nto, uthe uMantashe unelungelo lokusho ukuthi ngubani ongangena esikhundle­ni sokwengame­la i-ANC.

Utshele abantu ukuthi akukaze kube nokuxokoze­la ngesikhath­i uMengameli we-ANC uMnuz Oliver Tambo esenikeza uMnuz Nelson Mandela izintambo, yena wazidlulis­ela kuMnuz Thabo Mbeki, owazidluli­sela kuMnuz Jacob Zuma ngo-2007.

“Uma uMengameli Zuma engafuni ukunika izintambo iPhini lakhe uMnuz Cyril Ramaphosa kuzoba nenkinga,” kusho uMantashe.

Uthe amalungu e-ANC azokhetha umengameli we-ANC hhayi umuntu wesifazane noma wesilisa.

UMantashe ugxekwe nguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala emsola ngokuthi akafuni ukulalela imibono yamanye amalungu.

“Ngihambisa­na noGwede Mantashe ngakushoyo. Kungumthet­ho we-ANC ukukhetha iPhini likaMengam­eli ukuthi lengamele inhlangano #SIYAVUMA10­0%,” kusho Mthembu.

Uthe uNobhala unelungelo lokusho ukuthi uthanda bani ukuthi aphathe isikhundla sokwengame­la inhlangano.

UMnuz Derek Hanekom owayeNgung­qongqoshe wezokuVaka­sha, uthe nguRamapho­sa ongahlanga­nisa i-ANC, athuthukis­e nezwe.

URamaphosa ufuna isikhundla sokwengame­la i-ANC benoDkt Nkosazana Dlamini Zuma.

UMgcinimaf­a we-ANC uMnuz Zweli Mkhize noNgqongqo­she wezokuHlal­iswa kwabantu uNksz Lindiwe Sisulu nabo baphumele obala basho ukuthi bakulungel­e ukuhola i-ANC kanjalo noMnuz Jeff Radebe noMnuz Mathews Phosa. NoSihlalo we-ANC uNksz Baleka Mbete onguSomlom­o wePhalamen­de naye usigaqele esokuhola i-ANC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa