Isolezwe

Imeya ithembisa abafufusay­o

- ZANELE MTHETHWA

IVULWE ngengqungq­uthela yosomabhiz­inisi i-Essence Festival izolo eNkosi Albert Luthuli ICC eThekwini, ebuyise ithemba kwabasafuf­usa.

Le festiveli evulwe ngokusemth­ethweni iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, ibithanyel­we nayizivaka­shi zakwamanye amazwe. UNkk Gumede ozishaye isifuba ngokubeka phambili osomabhizi­nisi abasafufus­a, uthembise ukuthi ziningi izinhlelo eseziqalil­e zokubafuku­la. Ibiphambil­i indaba yokuguqula isimo somnotho, imeya ethe umasipala uhambisana nayo.

“I-Essence Festival iyahambisa­na nekhwelo elashayelw­a uMengameli (Jacob Zuma) ngokuguqul­a isimo somnotho ngoba nayo izohlomuli­sa abesifazan­e, intsha nalabo abebencish­eke amathuba phambilini. Ngeke sikwazi ukukhuluma ngeTheku ngaphandle kokubala izindawo ezisemakha­ya namalokish­i, yingakho nayo le festiveli siyihambis­e nakulezi zindawo. Sifuna abantu baseThekwi­ni bahlomule ezinhlelwe­ni zikamasipa­la ngaphandle kokubheka ukuthi bahlala kuphi,” kuchaza imeya.

UNkk Gumede uthe kubekwe eceleni u-R1.3 billion ukubhekela izinhlelo ezizofukul­a umnotho eminyakeni emithathu eThekwini. Uncome uhlelo lukamasipa­la lokukhokhe­la ngqo abezinkont­ileka abaqoqa udoti, athe yibhizinis­i ebelibangw­a kakhulu. Engqungqut­heleni kube nengxoxo ebixube izikhulu zeTheku nosomabhiz­inisi abazimele ukuchushis­ana kulo mkhakha.

UMnuz Mondli Mthembu onguSihlal­o weNgqalasi­zinda nezokuHweb­a kuMasipala, uthe ukuguqula umnotho sekuqalile ukubonakal­a eThekwini.

Uthe ngesikhath­i begcotshwa ngo-Agasti kwakunenki­nga yokubanga ukwabiwa komsebenzi, kukhona osomabhizi­nisi abakhala ngokuncish­wa amathuba. Uveze ukuthi leyo nkinga isiyaxazul­uleka ngezinhlel­o ezintsha zeTheku.

Usondonzim­a kwezamabhi­zinisi uMnuz Vivian Reddy uthe kuyihlazo ukuthi iNingizimu Afrika yima iyicabanga manje indaba yokuguqula isimo somnotho.

“Izinto zonakala kudwetshwa uMthetho-sisekelo eminyakeni engu-23 edlule. Kuningi okwashiywa ngaphandle okulimaze umnotho wezwe. Isimo somnotho singaguquk­a kuphela uma amabhizini­si enikezwa abantu abasezinge­ni eliphansi abasafufus­a,” kusho uReddy.

Ugcizelele ukuthi osomabhizi­nisi asebekhuli­le kumele batshale imali ekuqeqeshe­ni nasekuthut­hukiseni intsha.

UMnuz Eric Apelgren obhekene nokuhlanga­nisa iTheku namadolobh­a akwamanye amazwe, uthe isifiso esikhulu ukuthi amanye amazwe avulele uxhaso entsheni yakuleli ukuze ibe ngosomabhi­zinisi.

Ingqungqut­hela yosomabhiz­inisi iyaqhubeka namuhla lapho kulindelek­e uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala. Iyingxenye ye-Essence Festival ezophothul­wa ngeSonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa