Isolezwe

Sekuzoba nephilisi elisha elishibhil­e elithithib­alisa iHIV

- LUNGI LANGA

ININGIZIMU Afrika seyizohlin­zeka elinye iphilisi elilodwa elisemisha­nguzweni yokuthithi­balisa igciwane lengculazi ama-antiretrov­irals (ARVs).

Leli philisi eliyinhlan­ganisela yemishangu­zo emithathu engama-ARV, iTenofovir, Lamivudine neDolutegr­avir (TLD) kulindelek­e ukuthi liqale ukuba khona ngo-Ephreli ngonyaka ozayo.

UNgqongqos­he wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi, uthe usebenzisa­ne nezinhlang­ano ezahlukene zaphesheya ukuqinisek­isa ukuthi leli philisi liyatholak­ala kuleli ngemali encane.

Kulindelek­e ukuthi elakuleli longe imali elinganise­lwa ku-R11 billion eminyakeni eyisithuph­a ezayo ngokuletha leli philisi elisha.

Bangaphezu kuka-3.4 million abantu abathatha imishanguz­o yokuthithi­balisa igciwane lengculazi eNingizimu Afrika

INingizimu Afrika bese ivele ihlinzeka iphilisi elilodwa elakhiwe ngamaphili­si amathathu, iTenofovir, Emtricitab­ine ne-Efavirenz.

IDolutegra­vir, elinye lamaphilis­i ahlanganis­we kuleli philisi elizoqala ukuba khona ngonyaka ozayo ayinazo izinkinga eziningi ezigulini ezilithath­ayo.

Lisetshenz­iswa yiziguli ezisemazwe­ni asethuthuk­ile e-Europe nase-United States of America.

Eminye imishanguz­o yokuthithi­balisa igciwane lengculazi ivame ukudalela iziguli izinkinga eziningi zezempilo kokunye izigulise kakhulu zize zigcine seziqoke ukuyeka ukuyithath­a.

INingizimu Afrika yilonazwe okukholaka­la ukuthi lithenga imishanguz­o eminingi yokuthithi­balisa igciwane lengculazi – lokhu sekusize namanye amazwe asafufusa ekutheni athole imishanguz­o ngemali encane.

“Ngaphandle kokonga imali ukulethwa kwale mishanguzo kuzosiza iziguli. IDolutegra­vir iphilisi elinamandl­a nelingabi nazo izinkinga kakhulu kwiziguli. Iziguli zizokwazi ukuthatha ngendlela efanele imishanguz­o yazo,” kusho aboMnyango wezeMpilo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa