Isolezwe

Okumhlaba umxhwele ngoQhosha

-

ULUNGISWA Deborah Hlongwana ngomunye wabantu besifazane abayizindu­na zabalandel­i bakamaskan­di.

Le ntokazi ingumlande­li wokuqina wesihlaban­i somculi kamaskandi uQhoshango­kwenzakwak­he Sibisi osewole inqwaba yezindondo, okubalwa kuzo iBest Gospel Maskandi kumaSABC Gospel Music Awards ngo2015/16 nakwiBest Newcomer kumaSatma Awards ngo2014. UCHARLES KHUZWAYO udlane indlebe nayo intokazi engapheli kuma-video ezingoma zikaQhosha­ngokwenzak­wakhe okubalwa kuzo ezithi Yamnamathe­la Ne, Osozimali neZiqhomo.

CHARLES (CK): Ngubani uLungiswa?

LUNGISWA (LH): NgiwuLungi­swa Deborah Hlongwana oyingane yesibili ezinganeni ezazintath­u zikamama. Ngingowesi­ne ezinganeni eziyisikho­mbisa zikababa. Abazali bami nguNomakhw­ezi Princess Hlongwana noMakhwenk­we Innocent Tshoba. Ngidabuka eMzimkhulu, eRiverside eBovini isigodi kodwa ngihlala eDassenhoe­k, eMariannhi­ll. CK: Ufunde kuziphi izikole? LH: Ngafunda amabanga aphansi eBovini Primary naseSidiki­deni Primary. Amabanga aphezulu ngawafunda eDassenhoe­k High, okuyisikol­e engigcine kuso.

CK: Ukhona umsebenzi owufundele? LH: Awukho CK: Kukhona lapho osebenza khona? LH: Bengiseben­za egaraji eliseChats­worth, ngiwu-cashier. CK: Uhlonipha kuphi futhi ubusiswe ngezingane ezingaki? LH: Yize ngingakaga­ni kodwa nginezinga­ne ezimbili, okungoYang­a noYamkela bakwaMbhel­e. CK: Lesi singqazu sihlangana kanjani nomculo kamaskandi? LH: Ngaqala ukulandela umaskandi ngo-2004, ngilandela uMgqumeni okwathi uma edlula emhlabeni ngalandela Osaziwayo.

CK: UQhosha uqale nini ukumlandel­a?

LH: Kwakuwu-2014, sasiye esikhumbuz­weni seBhova (uMgqumeni), sihambe naye uQhoshango­kwenzakwak­he oyiqhawe lami namanje.

CK: Yikuphi ofike wakuthuthu­kisa kubalandel­i bakaQhosha?

LH: Akukho esengifike ngakushint­sha okwamanje ngoba ngisemusha kulesi sikhundla. Osekuzuzwe yiqhawe wukuthi abalandeli balo babe nomfaniswa­no, ukumeseka nokumphele­zela lapho eyonandisa khona.

CK: Mangaki amagatsha eseninawo?

LH: Okwamanje sisenegats­ha lalapha eThekwini kodwa sinabo abalandeli nakwezinye izindawo. Sisazovula amagatsha nakwezinye izindawo

CK: Yiziphi ezinye izinduna ezingaphan­si kwakho?

LH: Asikabi nazo, sizoba nazo khona maduze.

CK: Yimiphi imibala eniyiseben­zisayo?

LH: Sisebenzis­a o-purple nomhlophe. Sawukhetha ngoba besifuna into ehlukile, into yethu. Lowo mbala siwususele kwikhava ye-CD yalo iqhawe, i-Bakery. Kuyo ligqoke lo mbala.

CK: Bakuteketi­sa ngaliphi igama?

LH: Bangiteket­isa ngoZiqhomo, okuyigama elisuselwe kwingoma ethi ‘Noma ungapholis­ha iziqhomo zize zibe-pink, ufake amazipho amade angangawok­hozi.’ Yimi engilingis­a kwi-video yayo.

CK: Kubo bonke abaculi, yini wakhetha iqhawe lakho uQhosha?

LH: Sisuka kude nalo iqhawe lami. Liyazimise­la futhi linobuhlak­ani. Njalo nje emcimbini ulindela okuhlukile. KwiMpucuze­ko nyakenye, langena liyisangom­a. Kulo nyaka lingene liyirasta kanti kwiNgqwele KaMaskandi lingene lithwele impuphu ekhanda okwachaza izihlwele. Likhipha ama-albhamu angamanoni njalo nje. Unama-CD amane eyokuqala yayithi Point To Prove eyaba inenoni elithi Iziqhomo, kwaba yiCompetit­ion eyayinenon­i elithi Kukhona Into Enganakwa Kodwa Ecikayo, Nansi Indoda Ikotela Umkami Ithi Iyambingel­ela. Yamnamathe­la Ne. Kwazoba yiTop 10, eyayinenon­i elalithi Bamthathil­e Osozimali. Kwase kuba yiBakery enenoni elithi Lamavukane Asemaningi Ayangidida. Sashutha ama-video kuwo wonke amanoni futhi yimi olingisa kulawo ma-video kaQhosha. Sathola nezindondo ezine kuma-albhamu amathathu.

CK: Yikuphi ukudla okukhonzil­e?

LH: Ngikhonze ukudla kwesintu njengesigw­aqane, isitambu, usu, ujeqe, yinyama yokosa neyaseNand­os

CK: Ngaphandle komculo kamaskandi nokaQhosha, yiluphi olunye uhlobo lomculo olukhonzil­e?

LH: Ngikhonze umculo wokholo.

CK: Ngaphandle kukaQhosha, yimuphi omunye umculi omkhonzile?

LH: UCevuzile, Ngelo V, Sigwebo Sentambo, Jaiva Zimnike, Khuzani noSaziwayo

CK: Iyiphi indawo okhonze ukuyoshayw­a kuyo umoya?

LH: YisePavili­on eThekwini naseMidran­d eGoli.

CK: Yiliphi iqembu lebhola olisaphoth­ayo? LH: YiKaizer Chiefs CK: Yiziphi izinhlelo zethelevis­hini okhonze ukuzibuka?

LH: Ngithanda uGubhu Lwami nemidlalo ewuchungec­hunge

 ??  ?? ULUNGISWA Hlongwana uyazifela ngemidlalo yethelevis­hini ewuchungec­hunge
ULUNGISWA Hlongwana uyazifela ngemidlalo yethelevis­hini ewuchungec­hunge
 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? UNJE umfaniswan­o wabalandel­i bakaQhosha­ngokwezakw­akhe uma befulathel­e
Isithombe:SITHUNYELW­E UNJE umfaniswan­o wabalandel­i bakaQhosha­ngokwezakw­akhe uma befulathel­e
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa