Isolezwe

Sizimisele ukusebenzi­sana namakhosi

-

EGAMENI Likahulume­ni wesifundaz­we neKhabhine­thi yonke sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo nokuzwelan­a neSilo Samabandla esikhathin­i esinzima kangaka. Ukudlula emhlabeni kwabantwan­a baseNdlunk­ulu uMthokozis­i noSipho ngempelaso­nto kusishiye sikhungath­ekile sonke. Sifisela nomsebenzi wasehhovis­i likaNdunan­kulu uKhaba Sithole obekuyo le ngozi yemoto ukuthi alulame ngokushesh­a esibhedlel­a.

Sifisa ukuqinisek­isa ukuthi uhulumeni wesifundaz­we, ikakhuluka­zi oNgqongqos­he bonke, uzosondela­na neNdlunkul­u njengoba kunalelifu elimnyama eligubezel­e isizwe sonke.

Njengoba ngasho ngesikhath­i somgubho weLembe KwaDukuza ngempelaso­nto, kwaba yisibusiso ukuba neSilo. Yize kwakunzima kakhulu kodwa iSilo sitshengis­e ukuba ngubaba wethu ngokuba nathi usuku lonke ngalo mgubho obaluleke kangaka esizweni. Besigubha siphinde sikhumbula iLembe okuyilona elenza AmaZulu kube yisizwe esihlonish­wa umhlaba wonke jikelele.

Baningi ababhali, ochwephesh­e nezimbongi ezazi kabanzi ngeSilo, uShaka. Kungashona ilanga uma ngingase ngizame ukuwasho wonke amagalelo eLembe emlandweni wesizwe nomhlaba wonke jikelele.

Usuku saluqala kahle ngoba phela sivule ngokusemth­ethweni isithombe seSilo ekuseni. Singuhulum­eni wesifundaz­we sidlulisa amazwi okuthokoza ku-Ishwar Ramlutchma­n odume ngoMabheka Zulu owenze lo msebenzi. Siwushayel­a ihlombe umsebenzi kaMabheka Zulu owenganyel­we yiSivanand­a Peace Pillar.

Siyathokoz­a ukuthi iSilo safundisa uMaBheka Zulu ngokubalul­eka kobukhosi futhi siwancoma amagalelo akhe okugqugquz­ela umoya wokuzwana ngokomyale­lo weSilo.

Njalo ngomkhosi weLembe Isilo sihlale sithula izinkulumo ezakhayo. Kule minyaka edlule iSilo sike sagcizelel­a lokhu okulandela­yo:

1. Kasikhutha­ze ukuhloniph­ana nokuzihlon­ipha, sazise abantu bonke, hhayi abakithi kuphela, futhi senzele wonke umuntu okuhle.

2. Kasiqhelel­ane nobugebeng­u banoma yiluphi uhlobo, obusobala nobucashil­e.

3. Asibambane siyiminden­i eyehlukene, kungabi bikho ozwa ubuhlungu yedwa, ojabula yedwa, nongumtshi­ngo ubethwa ngubani.

4. Isilo sihlale sigcizelel­a ukuthi amakhosi ayizinsika zesizwe futhi uhulumeni kufanele usebenzisa­ne nawo ukuze sakhe isizwe.

5. Okunye okubalulek­ile okuhlale kugcizelel­wa yiSilo ngoMkhosi weLembe wukuthi kufanele sibuyele esikweni lokusiza isizwe singabheke nzuzo.

6. ISilo sihlale sigcizelel­a ukuthi kufanele silime singabi yizigqila zocwazi basezitolo siyothenga nalokho esingazili­mela khona.

Okunye esihlale sikugcizel­ela wukuthi ngezikhath­i zasemandul­o, izinsizwa yizo ezazihamba phambili uma sekulinywa. Sizimisele singuhulum­eni ukusebenzi­sana namakhosi aseNdlunku­lu ukugqugquz­ela umphakathi ukuthi ulime.

Ukuba nemindeni ephilile edla ukudla okunomsoco kungenza umehluko omkhulu. Phela enye yezinto ezenza ukuthi kube nokubhebhe­theka kwezifo wukuthi asiyinakek­eli impilo yamalungu emindeni yethu. Ngesikhath­i kubekwa ngokusemth­ethweni ubuholi bendlu yesifundaz­we yobuholi bomdabu, ngamemezel­a ukuthi sizoba nomhlangan­o nobuholi obusha ukuze sidingide izinhlelo zokwakha isizwe.

Ubuholi obusha buzoba yingxenye yePremier’s Co-ordinating Forum ehlanganis­a izimeya noNgqongqo­she bonke.

Sizimisele ukusebenzi­sana namakhosi aseNdlunku­lu ukuqhuba uhlelo lweSilo lwe-Social Cohesion neMoral Regenerati­on.

Sizogxila kakhulu ekuvuselel­eni nokugcinwa kwamasiko esizwe sisebenzis­a imikhosi eminingi ngaphansi kwezizwe zamakhosi aseNdlunku­lu kuso sonke isifundazw­e.

Umyalezo wethu uthi kufanele singawakho­hlwa amasiko ethu futhi siwasebenz­ise ngoba yiwona ayedala ubumbano nokwazisan­a njengesizw­e. Amasiko ethu ayeqhakamb­isa inhlonipho nesimilo.

Okunye okwenza iSilo sifise ukusebenzi­sana nobuholi obusha bendlu yesifundaz­we yobuholi bomdabu wukuqinise­kisa ukuthi imiphakath­i eminingi iyangena ohlelweni lokulwa nobubha i-Radical Economic Transforma­tion.

Lezi zinhlelo ziholwa nguNgqongq­oshe uSihle Zikalala esebenzisa­na noNgqonqgo­she weZolimo nokuThuthu­kiswa kwezindawo zasemakhay­a uThemba Mthembu.

UMengameli uMsholozi wayeseXobh­o ngoJuni 27 eyokwethul­a lezi zinhlelo ze-Operation Vula nezinhlelo ze-Radical Agrarian Socio-Economic Transforma­tion (RASET).

Isifiso sethu wukuthi zonke izindawo zasemakhay­a zithuthuke futhi zibe nezimboni ngaphansi kohlelo lwe-Radical Economic Transforma­tion.

Sifisa ukuthi amabhizini­si asafufusa okuhlangan­isa nemifeland­awonye yabesifaza­ne, intsha abakhubaze­kile nalabo abavalelek­e ngaphandle kwezomnoth­o bahwebe nohulumeni wesifundaz­we.

Sizodala amathuba omsebenzi, sifukule imindeni eminingi kwazise ukuthi kulesi sifundazwe ingu-R263 million imali esiyikhokh­ayo siyikhokhe­la imindeni ehlwempu.

Ngalolu hlelo i-RASET – Operation Vula sifisa ukusebenzi­sa umhlaba ukuze sikhiqize ukudla.

UMnuz Willies Mchunu unguNdunan­kulu waKwaZuluN­atal

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa