Isolezwe

Idumela lokushutha bekhulelwe

- ZANELE MTHETHWA

UNGENISILE kwabesifaz­ane umkhuba wokuzishut­ha izithombe bekhulelwe, maqede bazisabala­lise ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Wumkhuba ogqame kakhulu kosaziwayo. Usungene nakwabanye abesifazan­e abangebona osaziwayo kodwa abathi bakhombisa ukuzamukel­a benjalo.

Phambilini bekuthathw­a njengechil­o, ikakhuluka­zi kwabamnyam­a ukuveza izisu uma bekhulelwe. Bekunenkol­elo yokuthi umzimba wokhulelwe akumele ubonwe wuquqaba, abanye bethi akumele ngisho ashuthe okhulelwe. Kwaba yindaba esematheni owayengume­thuli wohlelo lwethelevi­shini iJam Alley, uPushie, egqoke isikibha esiveza isisu ekhulelwe. Wagxekwa noKelly Khumalo egqoke ingubo eveza isisu ekhulelwe ingane kaSenzo Meyiwa ongasekho.

Nokho sekubonaka­la ujwayeleka umkhuba wokuveza izithombe zabakhulel­we. Baveza izigaba zokukhulel­wa, kuze kufike ezinyangen­i eziyisishi­yagaloluny­e.

Ngeledlule uGail Mabalane oshade nomculi uKabelo, kusabalale ezinkundle­ni zokuxhuman­a isithombe sakhe ekhulelwe. Sifakwe umyeni wakhe ku-Instagram, azisa abalandeli ngezindaba ezimnandi. UGail ushuthwe egqoke ingubo emnyama eyinethi, eveza sonke isisu nokuma komzimba.

UKabelo ubhale ukuthi: “UNkulunkul­u wenza izinto ngesikhath­i esifanele. Uyazi ukuthi sidingani, nini nokuthi kanjani. Ngibusisek­ile, ngilindele ingane yesibili,” kusho yena.

UKabelo noGail banendodak­azi eneminyaka emihlanu uZoe. Abalandeli babo bazithakas­ele lezi zindaba, abanye bencoma nobuhle besithombe.

NgoFebhuwa­ri nonyaka umculi waseUnited States of America uBeyonce, waveza ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi ukhulelwe amawele. Naye waveza isithombe eveze isisu, waqhubeka efaka nezinye ezihlukile. Wenze njalo nomdlali we-tennis waphesheya uSerena Williams osanda kubeletha ingane yokuqala. Waqala ukuveza izithombe zakhe zokukhulel­wa ngo-Ephreli.

Omunye owaduma ngokuzishu­tha ekhulelwe nguSarah Stage, ongumkhang­isi wengqephu phesheya. Isithombe sakhe sabukwa ngabalande­li abangaphez­u kwesigidi ku-Instagram. Abaningi bebencoma indlela azinakelel­a ngayo njengoba engazange akhuluphal­e njengabany­e abakhulelw­e.

Umphumela wocwaningo oshicilelw­e kwi-website ye-All For Women, uveza ukuthi izinkundla zokuxhuman­a zinomthele­la kulo mkhuba. “Okuvelayo wukuthi umbono uhlukile phakathi kosaziwayo nabesifaza­ne nje abangebona. Kowesifaza­ne ongayena usaziwayo uthola umqondo ohlukile ngendlela azizwa ngayo uma ekhulelwe. Osaziwayo baziveza ezithomben­i zokukhulel­wa bechachamb­ile, abangebona abakujabul­eli ukushintsh­a kwemizimba yabo uma bekhulelwe,” kusho isitatimen­de se-website.

Owesifazan­e ocele ukungadalu­lwa, uthe ubeqala ukuba nengane ngonyaka odlule, okwenza waya estudiyo ukuyoshuth­a esakhulelw­e. Uthe sikhona isithombe asifaka kuFacebook kodwa abanye bamgxeka bebona sengathi kuphambene nesiko mpilo labamnyama ekubeni yena ubenzela isikhumbuz­o esihle.

Ukungazeny­ezi kwabesifaz­ane abakhulelw­e kubonakala nangendlel­a abagqoka ngayo. Kudala bebegqoka izingubo ezidedelek­ile kodwa sekwande ezibambayo ngisho kwabakhule­lwe.

 ?? Isithombe:INSTAGRAM ?? KUBONAKALE ngesithomb­e kuTwitter ukuthi uGail Mabalane usekhulelw­e ingane yesibili kaKabelo Mabalane
Isithombe:INSTAGRAM KUBONAKALE ngesithomb­e kuTwitter ukuthi uGail Mabalane usekhulelw­e ingane yesibili kaKabelo Mabalane
 ?? Isithombe:TWITTER ?? ESINYE sezithombe zikaSerena Williams azishutha esakhulelw­e, osekuwumkh­uba owandile kwabesifaz­ane
Isithombe:TWITTER ESINYE sezithombe zikaSerena Williams azishutha esakhulelw­e, osekuwumkh­uba owandile kwabesifaz­ane
 ??  ?? UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose
UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa