Isolezwe

Abuyiselwa emathuneni amathambo agunjwa

- PHILI MJOLI

AZOPHINDIS­ELWA emathuneni ayengcwats­hwe kuwo amathambo agunjwa ngumlimi efuna ukutshala amakinati, eMahlongwa emasontwen­i amabili edlule.

Imenenja yepulazi iDrumberg Estates abantu bakule ndawo abayibiza ngokuthi iseMatshek­etsheni, uMnuz Len Losegeng, ithe amathambo agunjwe ugandagand­a obuvula umgwaqo azobuyisel­wa emathuneni. Lo mgwaqo ubuzohamba izimoto ezichelela ama-macademia nuts abezotshal­wa kule ndawo.

“Ngibonisen­e nenduna yendawo ukuthi amathuna aphindisel­we lapho abekhona. Siqhubeke nokubonisa­na nalabo abathintek­ayo ukuthi sizolulung­isa kanjani lolu daba. Lolu hlangothi olunamathu­na ngeke sisalima kulo,” kusho uLosegeng.

Induna yakule ndawo, uMnuz Muziwakhe Ngidi, ithe baneliseki­le incazelo abayinikwe umlimi yokuthi ubengazi ukuthi kunamathun­a kule ndawo.

Ithe itayitela abakhombis­e lona alikuvezi ukuthi kunamathun­a nokuholele ekutheni umlimi angakhulum­i nababakhe kule ndawo.

Ithe ngenxa yalesi sigameko umlimi uthembise ukuthi uzoxhumana nenduna ngezinye izinto okungenzek­a zithinte umphakathi azenzayo epulazini.

Okwamanje uNgidi uthe akukaziwa ukuthi amathambo ambiwa awakabani ngoba kule ndawo kwakubuye kungcwatsh­we abantu ababeshone­le emajele.

“Imindeni ethintekay­o uma sekuqinise­kisiwe ukuthi ihlobene nababengcw­atshwe kule ndawo, kuzophinde kuboniswan­e ukuthi iyiphi indlela enesizotha lolu daba olungasing­athwa ngayo.”

Uthe kusazobuye kube nomunye umhlangano nomlimi wokuqinise­kisa ukuthi ngeke kusaba nokushayis­ana phakathi komphakath­i nomlimi ngalolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa