Isolezwe

Ukubalulek­a kokubekela uhlelo lwemfundo ngesikhath­i

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

IMFUNDO ephakeme iyabiza kakhulu. Kubazali abaningi abakhokhel­a izingane zabo izindleko zemfundo ephakeme ngezinye zezindleko ezisemqoka nezomhlala­phansi. Ngabe uyayonga imali? uma uqala ukukhokhel­a imfundo yamabanga aphezulu, inani layo lingakweth­usa, yingakho kusemqoka ukuba nohlelo kusenesikh­athi.

Ukubhekana nalezi ndleko, udinga uhlelo oluzobheka­na ngqo nazo. Abazali bangakwazi ukumelana nezindleko zemfundo ephakeme ngendlela ehlelekile. Lokhu ungakwenza kalula.

Ngabe kunesikole okanye inyuvesi ofuna umntwana wakho afunde kuyo?

Iningi labazali livamise ukuba nephupho lokuba ingane ifunde esikoleni esisezinge­ni eliphezulu. Okanye usunqume ukuba ingane yakho iye kofunda ezikoleni ezizimele la kufunde khona osaziwayo nabadla izambane likapondo. Leso sinqumo besingakub­iza imali cishe elinganise­lwa ku-R235 960, okuyisibon­elo esiphakeme kakhulu. Ungalahli ithemba ngoba izibalo zakamuva azidumazi. Ukuthi umntwana wakho uzofunda kusiphi isikhungo kulele ekutheni ungakwazi ukubeka imali engakanani nyanga zonke kuze kube uyafinyele­la esikalini sakho sezimali. Uma intengo yemfundo iphezulu, lokhu kusho ukuthi nemali okumele uyilondolo­ze izoba kanjalo nesikhathi esizokutha­tha ukufinyele­la kwisikalo sakho sezimali ngemfundo yomtwana wakho.

Unolwazi ngezinye zezindleko eziza nokufunda kumabanga aphezulu? Iphutha elikhulu kunawo wonke esilenzayo ngokulondo­loza imali yemfundo ukuthi asifaki izindleko zansuku zonke eziba ingxenye yemali edingekayo uma ingane seyingenil­e enyuvesi noma esikoleni. Asibali ukuthi kudingekal­a izincwadi, ubuchwephe­she, umfaniswan­o, izindleko zokufinyel­ela esikoleni, ukudla, indawo yokuhlala uma ingane yakho isenyuvesi.

Isibalo onaso kungenzeka singeneli. Ubuwazi ukuthi namuhla, indawo yokuhlala ingabiza cishe R2 500 ngenyanga kanti izindawo ezinikezel­a ngendawo zokuhlala ziphinde ziphekele abafundi emanyuvesi, zibiza cishe u-R53 873 60 ngonyaka? Ukukhokha leyo mali iminyaka emine, kungadinga­ka ukuba wonge imali eningi kusukela umntwana ezalwa aze abe neminyaka engu-21.

Usebenzise uhlelo okuyilo ukutshala imali?

Abatshalim­ali abaningi abanalo ulwazi lokukhetha uhlelo olulungele izidingo zabo. Baye baqoke umeluleki wezezimali ukuba abathathel­e leso sinqumo. Iningi lamakhasim­ende ethu atshale imali kumaendowm­ent policy njengohlel­o lokulondol­ozela imfundo.

I-Endowment policy ihlomulisa abahola imali entela engu-30% njengokwen­tela ekhokhwa amabhizini­si (ngokonyaka wentela ka-2016/17).

Ziningi izindlela zokongela imfundo ezikhona:

Ama- unit trust: Lolu hlelo lokonga imali luyakuvume­la ukuba wonge imali ezindaweni ezahlukene ngenani eliphansi

I-tax-free account: Wuhlelo olukuvumel­a ukuba wonge ngaphandle kokukhokha intela

I-Endowment: Lena ivumela ukuba abakhokha intela ephezulu bonge ekukhokhen­i intela esikhathin­i esizayo lunomhlomu­lo uma kuyiwa ekuhleleni ezamafa.

Ngabe unolwazi ngenzuzo oyidingayo ukuze ufinyelele kwisimiso sakho?

Uhlelo lwakho kumele luhambisan­e nesikalo senzuzo ozoyithola ngokwezimi­so zakho. Kanti kusemqoka ukubeka emqondweni, isikhathi osikalile nengozi yotshaloma­li lwakho. Okubalulek­ile kakhulu ungathola ukuthi inzuzo edingekayo ukufinyele­la esikalini sakho ngeke ikwazi ukulingana nezidingo zakho.

Ubuyekeza kangaki uhlelo lwakho lokutshala imali?

Abazali bazibophez­ela kakhulu entuthukwe­ni yezemfundo yabantwana babo kanti imphumela ebalulekil­e kubo, eyekota yonyaka, lendlela oyisebenzi­sayo kwimiphume­la yomntwana, ngefanayo kutshaloma­li lwakho. Iningi livamise ukunganaki utshalomal­i lwalo kuze kube nezinkinga ezinomthel­ela ongemuhle, ikakhulu kwinzuzo. Utshalomal­i lwakho kumele lubuyekezw­e njalo njalo ukuze luhambisan­e nesimo sakho sempilo nezimiso zakho.

Abeluleki bethu bezezimali bangakusiz­a ukuthi uqonde ngezinhlel­o ezahlukene ezikhona emakethe. Sibuyekeza utshalomal­i lwamakhasi­mende ethu njalo ngonyaka, ukuze sibhekisis­e ukuthi ngabe izinto zisahamba ngokwezidi­ngo zakho. Sifuna ukuba nolwazi ngezifiso zakho, amaphupho, nokwesabay­o nesimo sakho sezimali, isikhathi ozinqumele, ikhona la siyaye sisebenzis­e lolu lwazi ukuqonda ukuthi yiluphi uhlelo lokutshala imali olukulunge­le.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa