Isolezwe

Liyadukisa iphutha elisembhal­weni weliba leSilo uShaka

-

ESIKHATHIN­I lapho abantu beqhakambi­sa ukuzigqaja ngemvelaph­i yabo futhi kugqugquze­lwa nokuthi intsha yazi ngomlando, kuyaphoxa ukubona ukuthi ngo-2017 kusekhona amaphutha ezindaweni ezingamagu­gu esizwe.

Ihlazo esibike ngalo lo mbhalo oyiphutha elibeni leLembe eleqa amanye amalembe ngokukhali­pha, iSilo uShaka, libuyisela emuva lo mbhidlango wokwazi nokwazisa umlando, amasiko namagugu.

Iphutha lisembhalw­eni osetsheni leliba njengoba kubhalwe ukuthi “Tshaka” esikhundle­ni sikaShaka.

Akhona namanye amaphutha embhalweni njengoba kusetshenz­iswe igama elithi “wafa” esikhundle­ni sokuthi wakhothama okuyindlel­a okuhlonish­wa ngayo amakhosi uma esedlulile emhlabeni.

Sithi kubuyisela emuva ngoba abantu abafunda lo mbhalo uzobadukis­a.

Leli litshe labekwa ngo-1932, kasikho ngempela isidingo sokuthi yonke le minyaka iphutha kalilungis­iwe.

Ihhovisi likaNdunan­kulu uMnuz Willies Mchunu kanjalo noMnyango wezobuCiko namaSiko kumele ukusukumel­e ukulungisw­a kwaleli phutha.

Lihlanekez­ela umlando futhi lilulaza neNdlunkul­u.

Sifisa nokudlulis­a amazwi enduduzo kwiNdlunku­lu ngokudlula emhlabeni kwabaNtwan­a ababili ababe sengozini yemoto ngoMgqibel­o ebusuku, bebabele KwaDukuza ukuyophoth­ula amalungise­lelo oMkhosi weLembe.

Kule ngozi kushone uMntwana uMthokozis­i wasoSuthu noMntwana uSipho waseNtembe­ni, okuvele ukuthi bebethunyw­e yiSilo uZwelithin­i ukuyobheka ukuhleleka kwezinto zoMkhosi weLembe.

Izingozi zomgwaqo zisaqhubek­a nokubhubhi­sa abantu bakuleli kwazise sithole umbiko wokuthi ngempelaso­nto kushone abantu ababalelwa ku-14.

Kwezinye zalezi zingozi kushone amalungu omndeni wakwaNcala­ne ayisikhomb­isa, imoto yawo ekhalakath­ele edamini, KwaMaphumu­lo ngeSonto.

Sithi dudu eNdlunkulu naseminden­ini esemanzini ngenxa yengwadla yezingozi zomgwaqo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa