Isolezwe

Siyabonga ngakho konke okwenzile Shenge

-

MHLELI: Ngonyaka ozayo inkosi Mangosuthu Buthelezi (osesithomb­eni) izobe ihlanganis­a iminyaka ewu-90. Lokhu kuyingqoph­amlando empilweni yesidalwa esingumunt­u, ngakho Inkatha kumele kube khona ekwenzayo ukuncoma nokubonga konke okwenziwe nguShenge. Kudingeka abaholi bawo onke amazinga eNkatheni namalungu ayo bafinyelel­ise umbono onzulu nephupho lenkosi uButhelezi kubantu ngekusasa lale lizwe. Eqinisweni uShenge uzikhandli­le esebenzela leli zwe. Lokhu kumenze waphumelel­a ukugcina umyalezo weNkatha ukuba ube ngumlilo ongacimi ezinhliziy­weni zabantu.

UShenge uma engeyedwa uphakathi kwabaholi abambalwa abeme emgomeni ongagudluk­iyo kwezombusa­zwe, okungeyona into elula uma wazi ubuthaka babaholi bezombusaz­we ngokuba ngomalalep­henduka okomuntu ongenasimi­lo. Uyaqhubeka ngokumela imigomo ehloniphek­ileyo nengaphele­lwa yisikhathi njengoba efuqwa wubizo ekusebenze­leni leli zwe nasekuligu­quleni ukuba libe ngeligcono lapho wonke olakhele engahlomul­a nokuvuna akutshalil­eyo. Ngakho amalungu eNkatha akumele akushaye indiva lokhu ngoba uShenge uthathe izinqumo ezinzima ngezikhath­i obekungelu­la ukwenza lokho.

Uqhubekile wema emgomeni weqiniso ngisho impilo yakhe isilengela eweni lokusatshi­swa ngokubulal­wa.

Namuhla iningi labaholi bezombusaz­we lapha eNingizimu Afrika bakhalakat­hele ogibeni lamaphutha namahlazo ngoba baqome ukuvala izindlebe thanqa ngenkathi umengameli weNkatha ebaxwayisa. Wagxeka ukubhoncul­wa kwezikhonk­wane zomnotho kuleli. Abanye abaholi babehlomul­a ngapheshey­a kwemingcel­e yaleli zwe ngisho nangaphaka­thi kwezwe babexhaswa egameni losizi lomuntu omnyama. Wanxusa izingane nezitshude­ni ukuba ziqhubeke nokufunda yize imfundo ezaziyinik­wa nguhulumen­i wombuso wobandlulo wamaNeshin­ali yayingekho ezingeni elifanele.

Okumangaza­yo wukuthi nabanyunde­li bakhe bezombusaz­we njengoPerc­y Qoboza ugalagala loMhleli wephephand­aba iThe World, waletha izingane zakhe KwaZulu zazofunda eDlangezwa High. Noma uQoboza wayegxeka uShenge kepha wayebuqond­a ubumqoka bemfundo njengoba aqoma ukuletha izingane zakhe ukuba zizofunda ezikolweni zikahulume­ni waKwaZulu omdala.

Ukuba uShenge wakhombisa ukuba nomgogodla ontekentek­e wangazibam­ba zaqina, iqiniso liyasiveze­la ukuthi ngabe kwawona lo mbusazwe onezifunda awukho.

Phela uhulumeni kaKhongolo­se wawuthi odle umhlangani­so okhethweni kufanele ashaqe konke.

Yingakho nje njalo emva kokhetho i-ANC ihlale idweba kabusha imingcele. Kepha uShenge wakwenqaba lokhu ngoba ekholelwa ekutheni umbuso odlondloba­layo wonika izifunda amandla njengoba yileso naleso singafani nesinye ekubuswesi nangezidin­go zawo. Ngakho Inkatha ibimele ikwazise okwenziwe uShenge nokuthi usadla amabele.

Yingakho amalungu nabaholi bayo kumele baqale manje ukukhankas­ela ukhetho luka2019. Lokhu kuyoyisiza Inkatha ekuzameni ukugcina umlando nefa lakho konke uShenge akwenzile kuleli zwe nakumele.

Nxa Inkatha iphumelele ukwenza lokhu kuyoba yisipho cishe esikhulu ukuzedlula zonke uShenge abengaphiw­a sona.

I-IFP bekumele izikhandle ukuze ungacimi umlando kaShenge njengoba konke akwenzile kufanele kuhlomule amakhulu ngamakhulu ezizukulwa­ne eziyolande­la. Sengathi lingasimam­a ifa elinothile­yo lakho konke uShenge ayikho nakwenzele abantu bezwe lakithi, ikakhuluka­zi intsha ayethukelw­a yona.

Shenge siyakuhlon­ipha, siyasazisa isineke sakho nokuba nesibindi kwakho lapho osomathuba abayimiqub­a kwezombusa­zwe behlale beconsa amathe ngoba beqhutshwa umgolo nobugovu bezombusaz­we. Siyabonga Ndabezitha! Mana njalo! Robert Thobejane

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa