Isolezwe

Osaziwayo badalula izinkinga

- NOKUBONGWA PHENYANE

BAZOKHULUM­A ngezingqin­amba abadlule kuzona ngaphambi kokuthi bafinyelel­e lapho asebekhona osaziwayo bakuleli, ohlelweni oluyinkulu­mongxoxo, iThe Come Up.

ULuthando “Lootlove” Shosha uzokhuluma nosaziwayo abahlukene kulolu hlelo oluqale izolo kuMTV Base, DSTV (channel 322) ngo-6 ntambama.

UBabes Wodumo, Mo Flava, DJ Fresh no-Anatii bazoba ngezinye zezihambel­i ezizokhulu­ma nale ntokazi.

UMonde Twala wakwaViaco­m Internatio­nal Media Networks (VIMN) Africa uthe, uLuthando uzokhuluma nosaziwayo abadumile futhi asebephume­le kuleli endimeni yobumnandi. “ULootlove uyazi ukuthi akulula kanjani ukufinyele­la la ekhona manje endimeni yobumnandi. Ngakho iningi lentsha enephupho lokuphumel­ela endimeni yobumnandi izofunda lukhulu futhi kukhona ezokucosha kosaziwayo abazobonak­ala ohlelweni bechaza ngobunzima ababhekane nabo eminyakeni edlule,” kusho uMonde. Uthe labo saziwayo bazokhulum­a ngamathuba aqhamukile kule ndima afeza amaphupho abo.

Khona manjalo ngoMsombul­uko ngo-6 ntambama kulesi siteshi uhlelo olubheka indlela osaziwayo abagqoka ngayo, Umswenko, lukhuza ibuya.

UNomalanga Shozi uzobonakal­a ehlala phansi nosaziwayo babheke ukuthi ugqoka kanjani uma uhambela imicimbi eyahlukene.

Abasizi bakhe kulo uhlelo uLeroy Marc, Kim Jayde, Mome Nale noBhubesi bazomlekel­ela ukubheka indlela lowo saziwayo ozobe ekhona agqoka ngayo.

UDonald, Bontle Modiselle, Linda Mtoba, Da Les, Khanya Mkhangisa, Gemini Major, Ntando Duma noTressor bazobonaka­la bekhuluma ngendlela abagqoka ngayo ohlelweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa