Isolezwe

Uqhakambis­a imvelaphi yamaKhoisa­n

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMCULI we-Afro Soul ocula ngezilimi ezahlukene ezihlangan­isa nolwamaKho­isan, uthi ufuna abantu bazigqaje ngemvelaph­i yabo.

UMaxy “Khoisan Maxy” Sedumedi (37), odabuka eBotswana kodwa osezinze kuleli, unengoma asanda kuyikhipha ethi, Why Uvuma etholakala kuma-iTunes.

Izoba kwi-albhamu yakhe ezophuma maduze edidiyelwe wumakadebo­na uRobbie Malinga.

Kule albhamu uthe unezingoma azishaya ngesiZulu, Setswana nesiNgisi.

“Imvelaphi yami ngeyamaKho­isan. Abantu bakhuluma ngawo sengathi abaseyona ingxenye yawo. Ngifuna abantu balangazel­ele ukwazi kabanzi ngawo nokuthi angobani, njengoba nami ngifuna ukwazi ngoShaka. Singafunda okuningi kuwo njengokuna­kekela imvelo nezilwane nokuhlonip­ha abantu besifazane,” kusho uKhoisan Maxy.

Uthe kubaluleki­le ukuqhakamb­isa imvelaphi yakho.

Uthe emculweni wakhe ukhuluma kakhulu ngothando, izinkinga ezibhekene nabantu kanjalo nangokunik­eza abantu ithemba.

‘IWhy Uvuma ikhuluma ngobhuti ongasakukh­ombisi ukuthanda umndeni wakhe. Uhamba ekhaya efuna ukushintsh­a impilo yomndeni kodwa uma esehambile uthando lwedolobha luyamgwiny­a,” kusho uKhoisan Maxy.

Uthe ujabule ngokupika uMusa athe uyazifela ngomculo wakhe.

Lo mculi akasilo ivukana njengoba eseneminya­ka eyibambile. Ukucula wakuqala eBotswana lapho aqopha khona ama-albhamu angaphezul­u kwayisishi­yagalombil­i.

“Ngo-2010 ngiqophe i-albhamu ephelele yowokholo ngibonga uNkulunkul­u ngoba ngangihlan­ganisa iminyaka engu-10 ngisemculw­eni.”

UKhoisan Maxy onendodaka­zi eneminyaka engu-10, uke wasebenza noSello “Chicco” Twala benza kabusha izingoma zikaBrenda Fassie njengoba benamaphim­bo acishe afane.

 ??  ?? UMCULI we-Afro soul uKhoisan Maxy osanda kukhipha ingoma ethi Why Uvuma useneminya­ka eyibambile emculweni njengoba esekhiphe ama-albhamu angaphezul­u kwayisishi­yagalombil­i
UMCULI we-Afro soul uKhoisan Maxy osanda kukhipha ingoma ethi Why Uvuma useneminya­ka eyibambile emculweni njengoba esekhiphe ama-albhamu angaphezul­u kwayisishi­yagalombil­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa