Uqhakambisa imvelaphi yamaKhoisan
UMCULI we-Afro Soul ocula ngezilimi ezahlukene ezihlanganisa nolwamaKhoisan, uthi ufuna abantu bazigqaje ngemvelaphi yabo.
UMaxy “Khoisan Maxy” Sedumedi (37), odabuka eBotswana kodwa osezinze kuleli, unengoma asanda kuyikhipha ethi, Why Uvuma etholakala kuma-iTunes.
Izoba kwi-albhamu yakhe ezophuma maduze edidiyelwe wumakadebona uRobbie Malinga.
Kule albhamu uthe unezingoma azishaya ngesiZulu, Setswana nesiNgisi.
“Imvelaphi yami ngeyamaKhoisan. Abantu bakhuluma ngawo sengathi abaseyona ingxenye yawo. Ngifuna abantu balangazelele ukwazi kabanzi ngawo nokuthi angobani, njengoba nami ngifuna ukwazi ngoShaka. Singafunda okuningi kuwo njengokunakekela imvelo nezilwane nokuhlonipha abantu besifazane,” kusho uKhoisan Maxy.
Uthe kubalulekile ukuqhakambisa imvelaphi yakho.
Uthe emculweni wakhe ukhuluma kakhulu ngothando, izinkinga ezibhekene nabantu kanjalo nangokunikeza abantu ithemba.
‘IWhy Uvuma ikhuluma ngobhuti ongasakukhombisi ukuthanda umndeni wakhe. Uhamba ekhaya efuna ukushintsha impilo yomndeni kodwa uma esehambile uthando lwedolobha luyamgwinya,” kusho uKhoisan Maxy.
Uthe ujabule ngokupika uMusa athe uyazifela ngomculo wakhe.
Lo mculi akasilo ivukana njengoba eseneminyaka eyibambile. Ukucula wakuqala eBotswana lapho aqopha khona ama-albhamu angaphezulu kwayisishiyagalombili.
“Ngo-2010 ngiqophe i-albhamu ephelele yowokholo ngibonga uNkulunkulu ngoba ngangihlanganisa iminyaka engu-10 ngisemculweni.”
UKhoisan Maxy onendodakazi eneminyaka engu-10, uke wasebenza noSello “Chicco” Twala benza kabusha izingoma zikaBrenda Fassie njengoba benamaphimbo acishe afane.