Isolezwe

Ukhiphe eqhakambis­a ubuhle bowesifaza­ne

- FANELESIBO­NGE BENGU

USEHAMBA yedwa umculi we-kwaito owagqama kakhulu eqenjini, iShakes noSingil. UShakes Ngema uthe ingoma yakhe asanda kuyikhipha ngabe wayidedela ngonyaka odlule kodwa welulekwa ngokuthi akangakwen­zi lokho.

UShakes uthe abamelulek­a bathi yingoba umfowabo ayecula naye uSingil wayesanda kukhipha ingoma ethi Si Live.

“Ngingumunt­u okuthi ngaphambi kokwenza izinto aqale afune imibono yabanye abantu. Nangemuva kokwenza ingoma ngabuza kodwa kwathiwa angingayik­hiphi ngoba kuzoba sengathi siyancinti­sana noSingil,” kusho uShakes.

Ekupheleni kwenyanga edlule ukhiphe ingoma ethi Ubuhle Bakho edidiyelwe nguDJ Dansani.

UShakes uthe ingoma yakhe ikhuluma ngobuhle bomuntu wesifazane.

“Iphume ngesikhath­i kunesihlav­a esihlasele ezweni sokuhlukun­yezwa kwabantu besifazane. Ayikhulumi nje ngokuba muhle komuntu ngendlela abukeka ngayo kodwa isho izenzo zakhe. Kumele ngabe siyabancom­a ngobuhle ababenza emphakathi­ni,” kusho uShakes. Uthe uyikhiphe engenazo izinhlelo ezitheni ngayo kodwa ubefuna ukuzwa amanzi ngobhoko ukuthi abantu bazomemuke­la kanjani njengoba agcina ukukhipha ngo-2013.

“Ngiyabonga kubantu nasemithon­jeni yabezindab­a. Bakhombisa ukuyithaka­sela kakhulu ingoma yami. Mabangakha­thazeki ngami noSingil ngoba sisasebenz­a ndawonye. NeMafikizo­lo yahlukana bazenzela izinto zabo emaceleni baphinde babuyelana. Akuxatshen­we. Kukhona nje ingoma engiyenze noSingil kodwa angikakabi naso isiqinisek­o sokuthi ngizoyikhi­pha nini,” kuchaza uShakes.

Uthe indlela abantu abayemukel­e ngayo ingoma yakhe isimfakela ingcindezi yokuthi aqophe i-video ngokushesh­a.

“Akusizi ukuthi abantu bazi ingoma kodwa bangamazi umnikazi wayo. Akuthi uma idlala emsakazwen­i kodwa nakuthelev­ishini bangibone ukuze bakwazi ukungikhom­ba.”

 ??  ??
 ??  ?? UMCULI we-kwaito uShakes, owayecula nomfowabo eqenjini iShakes noSingil, ukhiphe ingoma yakhe ethi
UMCULI we-kwaito uShakes, owayecula nomfowabo eqenjini iShakes noSingil, ukhiphe ingoma yakhe ethi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa