Ukhiphe eqhakambisa ubuhle bowesifazane
USEHAMBA yedwa umculi we-kwaito owagqama kakhulu eqenjini, iShakes noSingil. UShakes Ngema uthe ingoma yakhe asanda kuyikhipha ngabe wayidedela ngonyaka odlule kodwa welulekwa ngokuthi akangakwenzi lokho.
UShakes uthe abameluleka bathi yingoba umfowabo ayecula naye uSingil wayesanda kukhipha ingoma ethi Si Live.
“Ngingumuntu okuthi ngaphambi kokwenza izinto aqale afune imibono yabanye abantu. Nangemuva kokwenza ingoma ngabuza kodwa kwathiwa angingayikhiphi ngoba kuzoba sengathi siyancintisana noSingil,” kusho uShakes.
Ekupheleni kwenyanga edlule ukhiphe ingoma ethi Ubuhle Bakho edidiyelwe nguDJ Dansani.
UShakes uthe ingoma yakhe ikhuluma ngobuhle bomuntu wesifazane.
“Iphume ngesikhathi kunesihlava esihlasele ezweni sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Ayikhulumi nje ngokuba muhle komuntu ngendlela abukeka ngayo kodwa isho izenzo zakhe. Kumele ngabe siyabancoma ngobuhle ababenza emphakathini,” kusho uShakes. Uthe uyikhiphe engenazo izinhlelo ezitheni ngayo kodwa ubefuna ukuzwa amanzi ngobhoko ukuthi abantu bazomemukela kanjani njengoba agcina ukukhipha ngo-2013.
“Ngiyabonga kubantu nasemithonjeni yabezindaba. Bakhombisa ukuyithakasela kakhulu ingoma yami. Mabangakhathazeki ngami noSingil ngoba sisasebenza ndawonye. NeMafikizolo yahlukana bazenzela izinto zabo emaceleni baphinde babuyelana. Akuxatshenwe. Kukhona nje ingoma engiyenze noSingil kodwa angikakabi naso isiqiniseko sokuthi ngizoyikhipha nini,” kuchaza uShakes.
Uthe indlela abantu abayemukele ngayo ingoma yakhe isimfakela ingcindezi yokuthi aqophe i-video ngokushesha.
“Akusizi ukuthi abantu bazi ingoma kodwa bangamazi umnikazi wayo. Akuthi uma idlala emsakazweni kodwa nakuthelevishini bangibone ukuze bakwazi ukungikhomba.”