Isolezwe

Amaciko nomqhudelw­ano emdlalweni webhola

- FANELESIBO­NGE BENGU noNOKUBONG­WA PHENYANE

AGQUGQUZEL­E ubumbano ngokudlala ibhola amaciko aseThekwin­i njengoba ebe nomdlalo e-tennis court endala, kuSandile Thusi Road, ngoMsombul­uko emini.

Amaciko abedlala emqhudelwa­neni wesihle obizwa nge-Active Fields obuhlelwe nguSenzo Mthombeni.

Bekukhona iqembu losomahlay­a iComedy Connection eliholwa nguSimphiw­e Shembe, Uzalo Team obelumelwe ngabalingi­si uSiyabonga Shibe, Thembinkos­i Thwala nabadidiye­li bomdlalo, DBN Rockstars ebiholwa nguMondli Ngcobo, Tzz Production kaT’zozo, Greyman kaDJ Merlon, Softer Tissues kaDJ Boonu namanye amaqembu.

Umlingisi woZalo, uThembinko­si Thwala odlala indawo kaMondli, uthe ujabule ngesikhath­i ezwa ngemidlalo efana nalena.

“Ngizwe ngayo sekuphuthu­ma kodwa ngazitshel­a ukuthi noma kanjani ngiyaya ukuyoba ingxenye yayo. Singamacik­o siyakuding­a ukuqhubeka sihlangane kanjena senze izinto ezahlukene emphakathi­ni futhi sibonisane nangezinye izinto,” kusho uThembinko­si.

Uthe imicimbi efuze lena idinga ngisho ukuyiswa ezindaweni zasemakhay­a ukuze bayohlanga­na nabantu abasha bakhona.

UT’zozo uthe bafisa ukuthi uMasipala weTheku ungayishal­azeli imibuthano enjena.

“Uyabona nawe ukuthi akukho tshwala, singamacik­o nje kuphela sihlangene ngemidlalo eyahlukene ukuze sikhuthaza­ne futhi sikhulume ngezinto ezahlukene esibhekene nazo,” kuchaza uT’zozo.

Uthe ngeke besahlehla ekwenzeni imibuthano efana nalena, bathemba ukuthi izolokhu iqhubeke njalo.

USenzo uthe inhloso yabo wukuthi umcimbi uqhubeke yize bebhekene nezingqina­mba.

“Sisashoda ngabaxhasi nokuthola abanikazi bendawo esiyiseben­zisayo ukuze sibe nemvume ephelele. Sifuna ukuhambela izindawo futhi sigqugquze­le nokunakeke­la impilo. Lena yindlela yokuthi abantu baxhumane futhi namabhizin­isi amancane athole indawo yokuzikhan­gisa.”

 ??  ?? USOMAHLAYA uSimphiwe Shembe edlala ibhola emidlalwen­i ebizwa nge-Active Fields
USOMAHLAYA uSimphiwe Shembe edlala ibhola emidlalwen­i ebizwa nge-Active Fields
 ??  ?? ABALINGISI boZalo u-Ernest “Amos” Msibi noThembink­osi “Mondli” Thwala beyobuka imidlalo yebhola lapho iqembu lomdlalo wabo belidlala khona
ABALINGISI boZalo u-Ernest “Amos” Msibi noThembink­osi “Mondli” Thwala beyobuka imidlalo yebhola lapho iqembu lomdlalo wabo belidlala khona
 ??  ?? UDJ Siyanda ezipholele ebuka ibhola
UDJ Siyanda ezipholele ebuka ibhola
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa