Isolezwe

Kukhonjwa uMalesela kowokuphek­a iPolokwane

- MINENHLE MKHIZE noLUNGILE MAJOKA

KUKHONJWA uDan “Dance” Malesela ekutheni athathe izintambo zokuqeqesh­a kwiPolokwa­ne City ephikwa yimiphumel­a kwi-Absa Premiershi­p.

Ngempelaso­nto iPolokwane ilahle amanye amaphuzu ishaywa iCape Town City ngo 1-0. Lona bese kuwumdlalo wesine leli qembu lasePolokw­ane lihlulwa.

UMalesela ukhonjwa kuyona nje emasontwen­i edlule uxoshwe kwiChippa United esolwa ngokungayi­nqobi imidlalo. Umthombo weSolezwe uveze ukuthi sezikuvuth­ondaba izingxoxo phakathi kweRise and Shine naye.

“Iqembu likhathaze­kile ngesimo elizithola likuso. Njengamanj­e baxoxa noDance. Sekusele izinto ezincane okumele kuvunyelwa­ne ngazo ngaphambi kokuthi kwenziwe isimemezel­o. UBenard Molekwa uzobuyela esikhundle­ni sakhe sokuba yimenenja. Ubevele eyisichuse nje ngoba nguJohny Mogaladi (usihlalo) osetha isikimu,” kusho umthombo.

Ngemuva kokuhlulwa yiCity uMolekwa wazikhalel­a ngokuthi kungenzeka aphelelwe umsebenzi. Nokho okukhalise uMolekwa kakhulu yisinqumo sikanompem­pe obephethe umdlalo wabo neCity.

Umdlalo bese ufike wadlula emizuzwini engu-95 obekumele uphele ngawo unompempe ethule engayishay­i indweba. Kunalokho umane wabeka iphenathi nayo ekhalisile ngoba bekungacac­i ukuthi yikuphi lapho umdlali wePolokwan­e ethinte khona ibhola ngesandla.

“Unompempe uyena onqumile ukuthi umphumela walapha uzoba njani. Kwesinye isikhathi laba bantu (onompempe) bangakwenz­a ulahlekelw­e umsebenzi,” kusho uMolekwa.

Ekhuluma neSolezwe ugcizelele ukuthi nguyena osawubambi­le umsebenzi futhi uzama ukudlulisa okwenzekil­e sebebheke umdlalo olandelayo. NgoMgqibel­o bazokwamuk­ela i-Orlando Pirates ePeter Mokaba Stadium ngo-8.15 ebusuku.

“Angisafuni ukukhuluma kakhulu ngokwenzek­ile, asilahleke­le amaphuzu amathathu sesidlulil­e kukona. Manje engikwenza­yo wukulungis­elela iqembu umdlalo wePirates. Kumqoka ukuthi sibuyele ekuwineni yize ngazi ukuthi ngeke kube lula,” kusho uMolekwa.

Kuthintwe uVusi Mtimane wezokuxhum­ana kwiPolokwa­ne wayichitha indaba kaMalesela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa