Isolezwe

Asimtataze­lisi isimo seqembu alilolonga­yo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKANANKING­A ngokuthi iqembu lakhe yilona elibambe ibhuleki kwi-log yeMulticho­ice Diski Challenge (MDC) ekubeni livikela isicoco, uDavid Notoane, oqeqesha iMamelodi Sundowns esishaywe kuyona yonke imidlalo ngaphansi kwalesi sigaba.

Kule midlalo yomithathu yokuqala, iSundowns edle isicoco seMDC yadlulela phambili yafika eNetherlan­ds nakhona yanqoba, isingenelw­a amagoli ayisishiya­galombili ekubeni yona ibingayibo­ni inethi lapho ifakwe ngakhona.

Kule mpelasonto iSundowns iphinde yanenebulw­a ngo 3-0 uvela kwi-Orlando Pirates kodwa yize kunjalo uNotoane uthe asikho isidingo sokuxhamaz­ela.

“Sisiqonda kahle isimo esikusona ngoba ithina futhi esidedele abadlali abaningi ukuthi bahambe. Sibolekise ngenqwaba yabadlali bethu abamqoka emaqenjini eNFD. Lokhu sikwenze ngenhloso yokubakhul­isa ukuze kuvuleke isikhala kulaba abanye abancane abalandela­yo.

“Kubi khona ukuthi emidlalwen­i emithathu sesingenel­we amagoli amabili kuya phezulu (umdlalo ngamunye) kodwa sisebenza ngokukhulu ukuzikhand­la ukugwema lezi zimo esikhathin­i esizayo,” kusho lo mqeqeshi.

Uthe njengoba imidlalo yokuqala isibakhomb­isile ukuthi ngeke kube lula njengesizi­ni edlule bazobhukul­a basiguqule isimo.

“Kumqoka ukuthi sibhekisis­e okuyikona okuyinking­a kakhulu. Okwamanje kulukhuni ukuthi ngikhombe abathile ngoba asiwashayi amagoli futhi ayangena ngakithina. Kungenzeka-ke ukuthi inkinga isemuva, phambili kanti nasesiswin­i ingaba khona inkinga ngoba ukuze abagadli bathole amathuba kumele bakhelwe isisu. Yisimo esifanayo futhi nakubadlal­i basemuva ngoba uma isisu sibavikela ngendlela, ngeke azingenele kalula amagoli njengoba kwenzeka,” kusho uNotoane.

Ngaphandle kwalo mphumela, omunye oshiye abaningi bekhexile oweKaizer Chiefs nayo exebule iBidvest Wits ngo 3-0.

Ephawula ngalokhu u-Arthur Zwane ongumqeqes­hi uthe: “Ngijabule kodwa hhayi kakhulu ngoba okwenzekil­e yikona vele lokhu esihlale sikuzama. Ngiyabajab­ulela abadlali ngoba umphumela ofana nalo uzobenza bakholwe wukuthi bangakwazi ukuyenza le nto masonto wonke.” Imidlalo elandelayo yeMDC imi kanje: NgoMgqibel­o: Ajax Cape Town Reserves v Platinum Stars Reserves (Ikamva Stadium, 10am); SuperSport United Reserves v Maritzburg United Reserves (TUT Stadium, 12pm); Chippa United Reserves v Polokwane City Reserves (Old Peter Mokaba Stadium, 12pm); Bloemfonte­in Celtic Reserves v Bidvest Wits Reserves (Siwelele Park, 12pm); Kaizer Chiefs Reserves v Cape Town City FC Reserves (Dobsonvill­e Stadium, 12pm); AmaZulu Reserves v Free State Stars Reserves (TBA, 7pm). NgeSonto: Baroka FC Reserves v Orlando Pirates Reserves (Old Peter Mokaba Stadium, 10am); Golden Arrows Reserves v Mamelodi Sundowns Reserves (Princess Magogo Stadium, 10am). Imiphumela edlule yeMDC: Sundowns Reserves 0-3 Pirates Reserves; Maritzburg Reserves 2-1 Arrows Reserves; Wits Reserves 0-3 Chiefs Reserves; Free State Reserves 3-1 Baroka Reserves; Platinum Reserves v Chippa Reserves; SuperSport Reserves 5-1 Cape Town City Reserves; Ajax Reserves 3-1 Celtic Reserves. Maritzburg Ajax CT Pirates Bloem Celtic F S Stars C T City SuperSport Golden Arrows Chippa United Baroka FC Bidvest Wits Kaizer Chiefs Platinum AmaZulu Polokwane Sundowns 3 3 3 3 3 3 3 3 3 3 3 3 3 3 3 3 3 2 2 2 2 1 1 1 1 1 1 1 0 0 0 0 0 0 0 0 0 1 1 1 1 1 1 0 3 2 1 0

L0 1 1 1 1 1 1 1 1 1 1 2 0 1 2 3 6 7 6 6 6 10 5 6 3 3 3 5 1 3 2 0 2 4 3 4 4 7 3 6 3 4 5 4 1 4 10 8 9 6 6 6 6 4 4 4 4 4 4 3 3 2 1 0

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa