Isolezwe

Uyakhula uShange kwi-Walking

- LUNGILE MAJOKA

ISIFISO sikaLeboga­ng Shange wukubuya nendondo kumaCommon­wealth Games azoba se-Australia ngonyaka ozayo njengoba ifomu yakhe ilokhu iya ngokudlond­lobala.

Lokhu kuvezwe umqeqeshi kaShange, uChris Britz, ngemuva kokuthi le nsizwa eyenza umdlalo ongajwayel­ekile kuleli, i-race walking, ithathe indawo yokuqala emqhudelwa­neni i-iMulti-day Internatio­nal Race Walking eWuxi, eChina ngoMsombul­uko.

UShange uthathe indawo yokuqala kwi-10km washaya irekhodi elisha lakuleli u-39:48. Lo mdlali odabuka eSoweto ubephula irekhodi lakhe lika40:29 alishaya eRome nyakenye.

Leli bekuyirekh­odi lesibili likaShange kwazise uqophe elisha kwi-20km ngesikhath­i eyibambe kwiIAAF World Championsh­ip,eLondon , ngo-Agasti.

Kulo mjaho uShange kwala kancane ukuthi abuye nendondo njengoba agcina engene endaweni yesine.

“Usebenze kahle kakhulu uLebogang okukhombis­a ukuthi ifomu yakhe iya ngokukhula njengoba ebe nomjaho omuhle naseLondon,” kusho uBritz. Uthe njengoba bebe nesizini ende, uShange uzoke athi ukukhokha umoya ngaphambi kokuqala amalungise­lelo abheke kumaCommon­wealth Games. “Usevele ukhona esikwatini esisaqokiw­e okwamanje. Uzophumula bese siqala amalungise­lelo amaCommonw­ealth Games ngoba iyona into esiyibheke kakhulu. Ngiyethemb­a ukuthi uma konke kuhamba kahle uzoba ngomunye wabazothol­a izindondo,” kusho uBritz. UBritz naye owudlalayo lo mdlalo uthe yize ungandile kuleli kodwa uya ngokukhula. “Bakhona abanye abethembis­ayo yize bengakafik­i ezingeni likaLeboha­ng. Kukhona nje uSizwe Ndebele walapho eKZN engethemba ukuthi naye uzokwenza izinto ezinkulu ngokuhamba kwesikhath­i. Into ekhona nge-Race Walking wukuthi kuthatha isikhathi ukuthi umuntu akheke kahle ngokomzimb­a ukuze afike ezingeni lomhlaba.” Uthe uqale ukusebenza noShange ngo-2014 njengoba elokhu eya ngokuvelel­a kuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa