Kukhonjwa uMalesela kowokupheka iPolokwane
KUKHONJWA uDan “Dance” Malesela ekutheni athathe izintambo zokuqeqesha kwiPolokwane City ephikwa yimiphumela kwi-Absa Premiership.
Ngempelasonto iPolokwane ilahle amanye amaphuzu ishaywa iCape Town City ngo 1-0. Lona bese kuwumdlalo wesine leli qembu lasePolokwane lihlulwa.
UMalesela ukhonjwa kuyona nje emasontweni edlule uxoshwe kwiChippa United esolwa ngokungayinqobi imidlalo. Umthombo weSolezwe uveze ukuthi sezikuvuthondaba izingxoxo phakathi kweRise and Shine naye.
“Iqembu likhathazekile ngesimo elizithola likuso. Njengamanje baxoxa noDance. Sekusele izinto ezincane okumele kuvunyelwane ngazo ngaphambi kokuthi kwenziwe isimemezelo. UBenard Molekwa uzobuyela esikhundleni sakhe sokuba yimenenja. Ubevele eyisichuse nje ngoba nguJohny Mogaladi (usihlalo) osetha isikimu,” kusho umthombo.
Ngemuva kokuhlulwa yiCity uMolekwa wazikhalela ngokuthi kungenzeka aphelelwe umsebenzi. Nokho okukhalise uMolekwa kakhulu yisinqumo sikanompempe obephethe umdlalo wabo neCity.
Umdlalo bese ufike wadlula emizuzwini engu-95 obekumele uphele ngawo unompempe ethule engayishayi indweba. Kunalokho umane wabeka iphenathi nayo ekhalisile ngoba bekungacaci ukuthi yikuphi lapho umdlali wePolokwane ethinte khona ibhola ngesandla.
“Unompempe uyena onqumile ukuthi umphumela walapha uzoba njani. Kwesinye isikhathi laba bantu (onompempe) bangakwenza ulahlekelwe umsebenzi,” kusho uMolekwa.
Ekhuluma neSolezwe ugcizelele ukuthi nguyena osawubambile umsebenzi futhi uzama ukudlulisa okwenzekile sebebheke umdlalo olandelayo. NgoMgqibelo bazokwamukela i-Orlando Pirates ePeter Mokaba Stadium ngo-8.15 ebusuku.
“Angisafuni ukukhuluma kakhulu ngokwenzekile, asilahlekele amaphuzu amathathu sesidlulile kukona. Manje engikwenzayo wukulungiselela iqembu umdlalo wePirates. Kumqoka ukuthi sibuyele ekuwineni yize ngazi ukuthi ngeke kube lula,” kusho uMolekwa.
Kuthintwe uVusi Mtimane wezokuxhumana kwiPolokwane wayichitha indaba kaMalesela.