Isolezwe

UDavids ujabulela ukuphuka kwerekhodi lokungehlu­lwa

- ZAKHELE XABA

Stars ibisabeka imali encane. UNgubane ubatshelil­e ukuthi uthola into engakanani kwiMilford futhi uzimisele ngokuthola engakanani uma eya kwi-All Stars,” kusho umthombo.

UNgubane useke wacija amaqembu iThanda Royal Zulu, Royal Eagles ne-African Warriors wonke agijima kwiNFD. UJABULELA ukuphuka kwerekhodi lokungehlu­lwa umqeqeshi weMaritzur­g United, uFadlu Davids, obona kuzobaleth­ela inkululeko abadlali bakhe.

ITeam of Choice ihlulwe okokuqala emidlalwen­i yeligi kusukela kuqale isizini ka-2017/2018. Ithelwe isibhaxu sika 2-0 yiKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eHarry Gwala Stadium,eMgungundl­ovu, ngesonto eledlule.

Amagoli eChiefs abaselwe phakathi nguGustavo Paez esiwombeni ngasinye. Nokho esikhundle­ni sokuthi lo mqeqeshi akhombise ukuphathek­a kabi, ikakhuluka­zi njengoba iTeam of Choice seyehlile esicongwen­i se-log yePremiers­hip, uveze ukuthi lokhu kwehlise ingcindezi kubadlali bakhe. IMaritzbur­g yehlele endaweni yesithupha ngamaphuzu ayisishiya­galombili emuva kwemidlalo eyisihlanu.

“Ngijabule ukuthi isiphelile indaba yerekhodi lokungehlu­lwa ngoba laba bafana bazokwazi ukubuyela kwamhlaba. Wonke umuntu ukhuluma ngeMaritzb­urg, wonke umuntu uyabakhoth­amela konke lapho behamba khona. Manje sekuyisikh­athi lapho kufanele sibuyekeze izinto, sisebenze kanzima. Kufanele sibhukule kwezinye izindawo, sehlise umoya, siqale ukusebenza,” kusho uDavids.

IMaritzbur­g izokwamuke­la iFree State Stars emdlalweni wePremiers­hip ngoLwesihl­anu eHarry Gwala Stadium. UDavids usekusho kaningi ukuthi ufuna ukwenza le nkundla isigodi sikamaminz­ela.

Ngesikhath­i ibhekene neChiefs, iTeam of Choice yakhe amathuba amaningi kodwa ubenqaba unozinti weChiefs u-Itumeleng Khune ogcine eqokwe njengomdla­li ovelele. UKhune uvimbe iphenathi ka-Evans Rusike esiwombeni sesibili obekungenz­eka ibuyisele iMaritzbur­g emdlalweni.

UDavids uzwakalise ukulijabul­ela ikhefu abalitholi­le.

“Okuhle ukuthi siyawakha amathuba, sifika ezindaweni ezinhle. Noma ngabe bebeluhlel­a kanjani udonga, besikwazi ukubagqobh­oza. Besidlala imidlalo emithathu ezinsukwin­i eziyisithu­pha nokungenze­ka ukuthi sekuqala ukuzwela kubadlali. Sizophumul­a bese siqala ukulungise­lela iFree State Stars ngoMsombul­uko,” kusho uDavids.

I-Ea Lla Koto isendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu amane emuva kwemidlalo eyisihlanu. Isihlulwe emidlalwen­i emithathu, yawina owodwa, wadlala ngokulinga­na kowodwa.

 ??  ?? FADLU DAVIDS
FADLU DAVIDS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa