Isolezwe

IPIRATES NOMGADLI OMUSHA?

-

KUNGENZEKA kubonakale umgadli omusha kwi-Orlando Pirates njengoba imibiko eqhamuke izolo iveze ukuthi lezi zindaba zipotshozw­e usihlalo weqembu u-Irvin Khoza. Kuthiwa uJustin Shonga waseZambia kungenzeka abe eseqenjini namuhla. EZimnyama ziyagqoza kumafolosi ngemuva kokuhamba kukaTendai Ndoro, osedlala eSaudi Arabia, okwenze lathembela kakhulu kuThamsanq­a Gabuza.

Nokho iqhawe elinguPots­hoza selifundil­e ukuthi kwesinye isikhathi likholwe ngokubona uma kuziwa kubadlali abasuke bemenyezel­we ngamaqembu.

IBucs le izithola intula nje, ngesikhath­i kuvulwe iwindi imemezele umgadli waseNigeri­a, uChristian Obiozor kodwa gwiqiqi, umdlali akasabonwa sekusho osibhincam­akhasana ukuthi ubuyele emuva ngoba sengathi uKhoza washeshe wamveza kube kukhona okwakungak­aqedwa.

UPotshoza ethinta imenenja kaShonga, uMichael Ngobeni, itshele leli qhawe ukuthi ayiyazi indaba yePirates.

“Nami ngizwa kushiwo kanjalo. Mina angiyazi indaba yePirates. Okwamanje ngicela ukuma lapho ngoba ngibona kusazosuka umsindo ngendaba kaShonga,” kusho uNgobeni.

UShonga ogaqelwe yiPirates uyisosha. Ugile izimanga kwiCosafa Cup iZambia iguqiswa yiZimbabwe emdlalweni wamanqamu. Emidlalwen­i emithathu uqhulule amagoli amathathu okwenze waqeda umqhudelwa­no nabanye abagadli abashaye amagoli amaningi. UShonga ugijima kwiNkwazi FC edlala kwiligi enkulu yaseZambia. IMamelodi Sundowns nayo ibimfuna uthuli uShonga

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa