Isolezwe

Ucilo uzishaye endukwini kumgijimi onqobe iTownship to Township

- LUNGILE MAJOKA

WESULEKE izinyembez­i umgijimi waseLesoth­o, uPhakoane Rakoto, enqoba i-Ethekwini Township to Township Marathon ebisuka KwaMashu, yayophelel­a eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, izolo.

Abaphume phambili bathola u-R40 000, indawo yesibili u-R20 000 kuthi eyesithath­u kube ngu-R15 000 kwabesilis­a nabesifaza­ne.

URakoto ugqashule intambo ngo-2.25.27 walandelwa u-Isaac Mpofu waseZimbab­we (2.25.46) kwathi uSiphamand­la Nyembe waba ngowokuqal­a kwabaseNin­gizimu Afrika engena endaweni yesithathu ngo-2.25.54.

URakoto ogijimela iPhantane Athletic Club, uthe ubengabhek­ile ukuwina kulo mjaho kodwa ukujabulel­e ukudla umhlangani­so.

Bese kungokwesi­thathu engenela iTownship to Township, indawo engcono abe nayo, eyesihlanu ayithole nyakenye.

“Bengizile nje ngoba ngenyanga edlule ngigijime kwiMandela Marathon kodwa ngangenza kahle ngoba bengigula. Ngijabule kakhulu ngoba bengingali­ndele ukuphuma endaweni yokuqala,” kusho uRakoto.

Ngokusho komqeqeshi wakhe, uMdu Khumalo, babebheke ukuthi uRakoto enze kahle kwiMandela Marathon kodwa wahlushwa wukugula njengoba wayephalaz­a wagcina esentekent­eke ukuthi angenza kahle kulo mjaho waseMgungu­ndlovu.

UMpofu naye uveze injabulo yakhe ngendawo ayitholile kwazise akanaso isipiliyon­i sokugijima imijaho. Ubeqala ukuzogijim­a eNingizimu Afrika. UNyembe usale eziqhenya ngokumela isifundazw­e.

Kwabesifaz­ane kugiye uLoveness Madziva waseZimbab­we ogijimela iNedbank. Le ntokazi ingene ngo-2.52.06, kanti indawo yesibili ithathwe uJennifer Koech waseKenya eshaya u-3.06.31 owayenqobe nyakenye. Indawo yesithathu ithathwe uSanelisiw­e Mbanjwa waseYellow­wood Park, eThekwini. Uqophe isikhathi esingu-3.08.21.

“Bengiqala ukugijima iTownship, ngijabule futhi nesimo sezulu besisihle. Ayikho ingcindezi engiyizwil­e,” kusho uMadziva. Uthe yena ubezele ukuzozicij­ela omunye umjaho lapha.

“Bengingawa­zi umgudu womjaho ukuthi uhamba kanjani. Ngimane ngalandela abesilisa,” kusho yena.

Bekukhona nomjaho ka-21km onqotshwe uSipho Mbanjwa kwabesilis­a. Kwabesifaz­ane kunqobe uJenet Mbhele.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UPHAKOANE Rakoto onqobe i-Ethekwini Township to Township izolo ephahlwe uSiphamand­la Nyembe (kwesokunxe­le) ongene endaweni yesithathu no-Isaac Mpofu olale isibili
Isithombe: SITHUNYELW­E UPHAKOANE Rakoto onqobe i-Ethekwini Township to Township izolo ephahlwe uSiphamand­la Nyembe (kwesokunxe­le) ongene endaweni yesithathu no-Isaac Mpofu olale isibili

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa