Thwasa hlonipha isigodlo owaphathiswa kuso impande
KUSEKUNINGI okusafanele sikufunde ngokuthwasa nokwelapha jikelele. Baningi abantu abasacabanga ukuthi ukuthwasa kusasho ukuhlala esigodlweni ulindele abantu bazongena bazocela ukuhlola kumbe ukukhanyiselwa ngezinkinga zabo. Kanjalo nabathwasayo bazi ukuthi uma ngiphothula kufanele kungene abantu ngibe namathwasa. Lokhu-ke sekujwayelekile ngoba ithwasa lazi ukuthi lithi liphuma sekufanele ukuthi sekumnyama ibala seliyasebenza. Usuke ungathwasile uma ungenawo amathwasa nawe. Umuntu umuzwa esebuzwa ukuthi: “unawo nje amathwasa” uma ungenawo awukasebenzi. Yingoba amathwasa angumgogodla wokwenza imali ngokushesha nokuba nezigqila ezizokwenzela konke.
Ithwasa-ke lithi uma seliphothulile liphothule lingazi ukuthi yini lena ebeliyoyenza lapho belithwasa khona. Lazi lona into eyodwa kuphela ukuthi laliyothwasa bese nalo lisebenza. Kulapho konakala khona. Lokhu kungaqondi yikhona ekugcineni okuba yinkinga enkulu ubona abantu bathi uma sebethwasile bese benza amaphutha amaningi ngoba sebethi bayazi futhi akasekho ongamtshela utho. Lokhu kuhambisana nendlala yesisu. Ithwasa lithi lingaphuma ekuthwaseni uyolizwa selikhuluma kabi ngesigodlo lapho kade lithwasa khona selisho zonke izinto ngoba lithi seliphumelele. Liyosho nokuthi kulesiya sigodlo kwadlalwa ngami ngoba libona impumelelo ingasezi lena elalingatshelwanga ukuthi loyibona mhlazane liphothula.
Ngike ngathi ukwenza ucwaningo oluncane ngibuza komakhosi asebemnkantsha ubomvu kwezokwelapha ukuthi uma kuthiwa uyothwasa usuke uyokwenzani nokuthi ngabe yini lena egcina ishaya amathwasa amaningi umsebenzi uphele ekugcineni. Ngithole ukuthi izimpendulo ziyefana. Ugogo uMathole waseBulwer uthi: “Mntanami uma umuntu ezothwasa usuke ethunywe ngabakubo ukuthi ayolanda impande yokuthi ekugcineni aphothule bese eseyosebenza ngaleyo mpande. Ngakho leyo mpande kufanele ayihloniphe ngoba kusuke kungeyona eyakhe, kanjalo nesigodlo athwasiswe kusona asihloniphe aze ayofa ngoba kukhona izimfihlo angeke asheshe atshelwe zona ngaleyo mpande esigodlweni.” Umakhosi ugogo uNdwalane waseHarding usho into efanayo: “Ukuthwasa wukuyolanda impande lapho abadala besuke beyibone khona ukuthi bazokuyithola. Nakhona lapho kusuke kusho ukuthi isigodlo leso sihlanzeke kangakanani ngoba izigodlo eziningi zingcolile. Amathwasa anamhlanje athi angathwasa aphume akuthuke azibone esengcono ngakho ukungazi ukuthi kungani balethwa kuwena nasesigodlweni sakho. Kungakho abantu abaningi basebenza iminyakana embalwa emva kwalokho uvaleke umsebenzi. Ngakho isigodlo onikwe kusona impande kufanele usihloniphe ngoba ngelinye ilanga uyophinde ukhonjwe
kusona.”
Umakhosi umkhulu uBhebhe waseNkandla uthi ukuthwasisa usakuvala ngoba amathwasa amaningi abethi angaphothula bese ezibona emakhulu ehambe ebhulela abantu emgwaqweni, ngoba ejahe imali. Uthi amanye amathwasa amabili esilisa aphuma adudana akhohlisa abantu elinye libhulele umuntu bese lithi ngizokutholela umuntu ozokwelapha kanti limusa kulona abasebenzisana naye, kanjalo nozakwabo enze njalo. Bakhuluma kabi ngaye kuyona yonke indawo, ekugcineni omunye wabo wagingqika nemoto, namhlanje usehanjelwe ngumfazi nomuzi ngakho ukungahloniphi isigodlo sakhe lapho anikwa khona impande. Ugogo uMatobhana osemnkatsha ubomvu kulo msebenzi, owawenza naye waba namaphutha waphinde wavuka, oseSinathingi eMgungundlovu, uthi wonke amathwasa uhlale ewatshela ukuthi yena walinda iminyaka eyisikhombisa phambi kokuba asebenze.
Amathwasa uwatshela imihla namalanga ukuthi ngeke wehlukane nesigodlo owanikwa kusona impande. Baningi abazikhohlisayo bethi bayasebenza kodwa bebe bethuka izigodlo abathwasa kuzona. Imbangela yalokhu yindlala nomona.
Uma ulandela zonke izinkulumo uyathola ukuthi bonke basho ngazwi linye ukuthi ayikho into esemqoka njengokuhlonipha isigodlo owaphathiswa kusona impande, ngoba nkathi bekukhomba ekuthwaseni babeqonde uyolanda impande abazokusebenza ngayo.
Namhlanje amathwasa amaningi ngenxa yendlala nomona ajaha ukufana noyise nonina basedlozini bese egxeka kanti yilapho esebulala khona umsebenzi wedlozi elihle. ASIPHAHLE
“Ukuzehlisa nokungaholwa yindlala kuyokhulisa umsebenzi owabelwe yidlozi lakho”
033 5691317/ 0797471911/ 078972001