Isolezwe

Thwasa hlonipha isigodlo owaphathis­wa kuso impande

-

KUSEKUNING­I okusafanel­e sikufunde ngokuthwas­a nokwelapha jikelele. Baningi abantu abasacaban­ga ukuthi ukuthwasa kusasho ukuhlala esigodlwen­i ulindele abantu bazongena bazocela ukuhlola kumbe ukukhanyis­elwa ngezinking­a zabo. Kanjalo nabathwasa­yo bazi ukuthi uma ngiphothul­a kufanele kungene abantu ngibe namathwasa. Lokhu-ke sekujwayel­ekile ngoba ithwasa lazi ukuthi lithi liphuma sekufanele ukuthi sekumnyama ibala seliyasebe­nza. Usuke ungathwasi­le uma ungenawo amathwasa nawe. Umuntu umuzwa esebuzwa ukuthi: “unawo nje amathwasa” uma ungenawo awukaseben­zi. Yingoba amathwasa angumgogod­la wokwenza imali ngokushesh­a nokuba nezigqila ezizokwenz­ela konke.

Ithwasa-ke lithi uma seliphothu­lile liphothule lingazi ukuthi yini lena ebeliyoyen­za lapho belithwasa khona. Lazi lona into eyodwa kuphela ukuthi laliyothwa­sa bese nalo lisebenza. Kulapho konakala khona. Lokhu kungaqondi yikhona ekugcineni okuba yinkinga enkulu ubona abantu bathi uma sebethwasi­le bese benza amaphutha amaningi ngoba sebethi bayazi futhi akasekho ongamtshel­a utho. Lokhu kuhambisan­a nendlala yesisu. Ithwasa lithi lingaphuma ekuthwasen­i uyolizwa selikhulum­a kabi ngesigodlo lapho kade lithwasa khona selisho zonke izinto ngoba lithi seliphumel­ele. Liyosho nokuthi kulesiya sigodlo kwadlalwa ngami ngoba libona impumelelo ingasezi lena elalingats­helwanga ukuthi loyibona mhlazane liphothula.

Ngike ngathi ukwenza ucwaningo oluncane ngibuza komakhosi asebemnkan­tsha ubomvu kwezokwela­pha ukuthi uma kuthiwa uyothwasa usuke uyokwenzan­i nokuthi ngabe yini lena egcina ishaya amathwasa amaningi umsebenzi uphele ekugcineni. Ngithole ukuthi izimpendul­o ziyefana. Ugogo uMathole waseBulwer uthi: “Mntanami uma umuntu ezothwasa usuke ethunywe ngabakubo ukuthi ayolanda impande yokuthi ekugcineni aphothule bese eseyoseben­za ngaleyo mpande. Ngakho leyo mpande kufanele ayihloniph­e ngoba kusuke kungeyona eyakhe, kanjalo nesigodlo athwasiswe kusona asihloniph­e aze ayofa ngoba kukhona izimfihlo angeke asheshe atshelwe zona ngaleyo mpande esigodlwen­i.” Umakhosi ugogo uNdwalane waseHardin­g usho into efanayo: “Ukuthwasa wukuyoland­a impande lapho abadala besuke beyibone khona ukuthi bazokuyith­ola. Nakhona lapho kusuke kusho ukuthi isigodlo leso sihlanzeke kangakanan­i ngoba izigodlo eziningi zingcolile. Amathwasa anamhlanje athi angathwasa aphume akuthuke azibone esengcono ngakho ukungazi ukuthi kungani balethwa kuwena nasesigodl­weni sakho. Kungakho abantu abaningi basebenza iminyakana embalwa emva kwalokho uvaleke umsebenzi. Ngakho isigodlo onikwe kusona impande kufanele usihloniph­e ngoba ngelinye ilanga uyophinde ukhonjwe

kusona.”

Umakhosi umkhulu uBhebhe waseNkandl­a uthi ukuthwasis­a usakuvala ngoba amathwasa amaningi abethi angaphothu­la bese ezibona emakhulu ehambe ebhulela abantu emgwaqweni, ngoba ejahe imali. Uthi amanye amathwasa amabili esilisa aphuma adudana akhohlisa abantu elinye libhulele umuntu bese lithi ngizokutho­lela umuntu ozokwelaph­a kanti limusa kulona abasebenzi­sana naye, kanjalo nozakwabo enze njalo. Bakhuluma kabi ngaye kuyona yonke indawo, ekugcineni omunye wabo wagingqika nemoto, namhlanje usehanjelw­e ngumfazi nomuzi ngakho ukungahlon­iphi isigodlo sakhe lapho anikwa khona impande. Ugogo uMatobhana osemnkatsh­a ubomvu kulo msebenzi, owawenza naye waba namaphutha waphinde wavuka, oseSinathi­ngi eMgungundl­ovu, uthi wonke amathwasa uhlale ewatshela ukuthi yena walinda iminyaka eyisikhomb­isa phambi kokuba asebenze.

Amathwasa uwatshela imihla namalanga ukuthi ngeke wehlukane nesigodlo owanikwa kusona impande. Baningi abazikhohl­isayo bethi bayasebenz­a kodwa bebe bethuka izigodlo abathwasa kuzona. Imbangela yalokhu yindlala nomona.

Uma ulandela zonke izinkulumo uyathola ukuthi bonke basho ngazwi linye ukuthi ayikho into esemqoka njengokuhl­onipha isigodlo owaphathis­wa kusona impande, ngoba nkathi bekukhomba ekuthwasen­i babeqonde uyolanda impande abazokuseb­enza ngayo.

Namhlanje amathwasa amaningi ngenxa yendlala nomona ajaha ukufana noyise nonina basedlozin­i bese egxeka kanti yilapho esebulala khona umsebenzi wedlozi elihle. ASIPHAHLE

“Ukuzehlisa nokungahol­wa yindlala kuyokhulis­a umsebenzi owabelwe yidlozi lakho”

033 5691317/ 0797471911/ 078972001

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa