Inkohlakalo ibhebhethekisa okomlilo wequbula kule lizwe
Xolani Meyiwa MHLELI: Izwe lethu libhekene nengwadla enkulu yenkohlakalo ebukeka idla lubi. Kuyishwa ukuthi inkohlakalo ebhebhethekisa okomlilo wequbula izophetha ngokulimaza bonke abantu abakhele izwe.
Okubuhlungu wukuthi le nto yaqala kancane kancane yanganakwa kodwa manje isidlondlobele ngendlela eshaqisayo. Kukhalwa ngapha nangapha ngenkohlakalo kuwona wonke amazinga empilo futhi nohulumeni uzithele ngabandayo ukulwa nayo.
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi kuhulumeni wethu baningi abanukeka kulo mkhuba kodwa uthole ukuthi bakhomba abanye bathi yibona abakhohlakele kuhle komthakathi yena othi ethakatha kodwa abe mandla ngokunuka abanye abantu.
Lesi simo esibhekene naso silahlisa ithemba ngoba izinto eziye zibonakale ziwubufakazi obuphelele bokuthi kukhona okushaya amanzi ziyazitshwa, zizitshwa yibona kanye okufanele ngabe balwa nalo mkhuba.
Angikholwa wukuthi njengoba sesakhululeka nje sikhululekele ukubona izwe lethu libhuqwa yilesi sihlava. Kubuhlungu ngoba kunamaqhawe aselele kobandayo ayelwa ukuze sikhululeke engikholwa wukuthi nawo lapho ekhona adumele uma ebona osekwenziwa abathile abakuhulumeni wethu.
Kunabantu abakuhulumeni asebesimeme nje impela kusimame nezinhlangano zabo ngenkohlakalo. Amaqembu ezepolitiki ayasimama ngokwanda kwezinhlaka zawo ngoba lokho kusuke kusho ukwanda kwamalungu aseka inhlangano ahambisana nayo.
Kujwayelekile-ke nokuthi abantu abasebenza ngeqiniso ekwakheni lezi zinhlaka banikwe izikhundla eziphezulu enhlanganweni abasuke behambisana nayo.
Ngamanye amazwi bagcina sebenamandla athe xaxa ukwedlula abanye abakanye nabo enhlanganweni. Uma sebesezikhundleni ababe besaba nandaba nabanye abantu bazicabangela bona nezisu zabo umuntu agcine esengena ezenzweni zenkohlakalo.
Ishwa elikhulu kulezi zinsuku elokuthi abaholi abaningi sebeqola ngisho izinhlangano zabo bathi banezinhlaka kanti azikho esimeni esifanelekile.
Lokhu kugcina kuholela ekutheni abantu baholwe ngabantu abangabafuni bese kuphetha ngokudikibala kwamalungu enhlangano kuthi noma sekunokhetho zehle izibalo zabantu abavotela lelo qembu.
Inkohlakalo iyisihlava esibi esilahlisa ithemba ngekusasa lezwe kuphele nokwethemba inhlangano enukeka enkohlakalweni.
Okubuhlungu wukuthi abantu abenza lokhu yibo kanye laba abajahe izikhundla eziphezulu ekubeni behluleka wukusebenzela isizwe.
Siyakhala ngabaholi asebaphenduka amasela kuhulumeni. Lokhu kuqala khona emazingeni aphansi beqolana bodwa. Kunabaholi abangazi noma liyaphuma noma liyashona yini asebaphenduka umbulalazwe. Yibo kanye laba abagcina bengasakwazi nokuhlonipha amalungu nokuthobela imigomo yamaqembu abo bagcine sebengo’ndlebe-kazizwa’. Omunye ugcina engasayilandeli yonke imigomo yokuziphatha ebekwe yinhlangano yakhe emva kwalokho akhume umuthi ugcwale isisu ngoba efuna ukubukeka emsulwa emehlweni abantu.
Okunye engike ngizibuze kona wukuthi sebayaphi abazalwane emaqenjini ezepolitiki? Ngisho ngoba abefundisi abaningi bayacwila uma sebekwipolitiki kuphele ngenkolo. Kunzima kabi ukuthola izinceku ezifika zilimele iqiniso kwipolitiki. Inkohlakalo igabavula phambi kwazo kwesinye isikhathi nazo zize zithinteke kuyona.
Kuyishwa ukuthi sekuntuleka nabantu abangamela iqiniso emaqenjini ezepolitiki esibadinga kakhulu esikhathini samanje ukuze izwe lethu liphume kule nkinga elibhekene nayo. Themba Xolani Zikhali KWAMHLABUYALINGANA