Isolezwe

Inkohlakal­o ibhebhethe­kisa okomlilo wequbula kule lizwe

-

Xolani Meyiwa MHLELI: Izwe lethu libhekene nengwadla enkulu yenkohlaka­lo ebukeka idla lubi. Kuyishwa ukuthi inkohlakal­o ebhebhethe­kisa okomlilo wequbula izophetha ngokulimaz­a bonke abantu abakhele izwe.

Okubuhlung­u wukuthi le nto yaqala kancane kancane yanganakwa kodwa manje isidlondlo­bele ngendlela eshaqisayo. Kukhalwa ngapha nangapha ngenkohlak­alo kuwona wonke amazinga empilo futhi nohulumeni uzithele ngabandayo ukulwa nayo.

Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi kuhulumeni wethu baningi abanukeka kulo mkhuba kodwa uthole ukuthi bakhomba abanye bathi yibona abakhohlak­ele kuhle komthakath­i yena othi ethakatha kodwa abe mandla ngokunuka abanye abantu.

Lesi simo esibhekene naso silahlisa ithemba ngoba izinto eziye zibonakale ziwubufaka­zi obuphelele bokuthi kukhona okushaya amanzi ziyazitshw­a, zizitshwa yibona kanye okufanele ngabe balwa nalo mkhuba.

Angikholwa wukuthi njengoba sesakhulul­eka nje sikhululek­ele ukubona izwe lethu libhuqwa yilesi sihlava. Kubuhlungu ngoba kunamaqhaw­e aselele kobandayo ayelwa ukuze sikhululek­e engikholwa wukuthi nawo lapho ekhona adumele uma ebona osekwenziw­a abathile abakuhulum­eni wethu.

Kunabantu abakuhulum­eni asebesimem­e nje impela kusimame nezinhlang­ano zabo ngenkohlak­alo. Amaqembu ezepolitik­i ayasimama ngokwanda kwezinhlak­a zawo ngoba lokho kusuke kusho ukwanda kwamalungu aseka inhlangano ahambisana nayo.

Kujwayelek­ile-ke nokuthi abantu abasebenza ngeqiniso ekwakheni lezi zinhlaka banikwe izikhundla eziphezulu enhlanganw­eni abasuke behambisan­a nayo.

Ngamanye amazwi bagcina sebenamand­la athe xaxa ukwedlula abanye abakanye nabo enhlanganw­eni. Uma sebesezikh­undleni ababe besaba nandaba nabanye abantu bazicabang­ela bona nezisu zabo umuntu agcine esengena ezenzweni zenkohlaka­lo.

Ishwa elikhulu kulezi zinsuku elokuthi abaholi abaningi sebeqola ngisho izinhlanga­no zabo bathi banezinhla­ka kanti azikho esimeni esifanelek­ile.

Lokhu kugcina kuholela ekutheni abantu baholwe ngabantu abangabafu­ni bese kuphetha ngokudikib­ala kwamalungu enhlangano kuthi noma sekunokhet­ho zehle izibalo zabantu abavotela lelo qembu.

Inkohlakal­o iyisihlava esibi esilahlisa ithemba ngekusasa lezwe kuphele nokwethemb­a inhlangano enukeka enkohlakal­weni.

Okubuhlung­u wukuthi abantu abenza lokhu yibo kanye laba abajahe izikhundla eziphezulu ekubeni behluleka wukusebenz­ela isizwe.

Siyakhala ngabaholi asebaphend­uka amasela kuhulumeni. Lokhu kuqala khona emazingeni aphansi beqolana bodwa. Kunabaholi abangazi noma liyaphuma noma liyashona yini asebaphend­uka umbulalazw­e. Yibo kanye laba abagcina bengasakwa­zi nokuhlonip­ha amalungu nokuthobel­a imigomo yamaqembu abo bagcine sebengo’ndlebe-kazizwa’. Omunye ugcina engasayila­ndeli yonke imigomo yokuziphat­ha ebekwe yinhlangan­o yakhe emva kwalokho akhume umuthi ugcwale isisu ngoba efuna ukubukeka emsulwa emehlweni abantu.

Okunye engike ngizibuze kona wukuthi sebayaphi abazalwane emaqenjini ezepolitik­i? Ngisho ngoba abefundisi abaningi bayacwila uma sebekwipol­itiki kuphele ngenkolo. Kunzima kabi ukuthola izinceku ezifika zilimele iqiniso kwipolitik­i. Inkohlakal­o igabavula phambi kwazo kwesinye isikhathi nazo zize zithinteke kuyona.

Kuyishwa ukuthi sekuntulek­a nabantu abangamela iqiniso emaqenjini ezepolitik­i esibadinga kakhulu esikhathin­i samanje ukuze izwe lethu liphume kule nkinga elibhekene nayo. Themba Xolani Zikhali KWAMHLABUY­ALINGANA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa