Isolezwe

Uphenyo ngehholo laseMzimkh­ulu

- INTATHELI YESOLEZWE

UMVIKELI woMphakath­i, u-Adv Busisiwe Mkhwebane, useqale uphenyo ngehholo lomphakath­i iMzimkhulu Memorial Hall okusolakal­a ukuthi kwadliwa izigidi ngalo.

UMkhwebane kuthiwa uzophenya ngehholo nangezinye izikhalo ezibekwe abantu baseMzimkh­ulu.

Kubikwa ukuthi sekudonse iminyaka emihlanu ukulungisw­a kwehholo kanti umkhandlu usuchithe imali ebalelwa ku-R16 million. Kunenye imali esazokhish­wa ukuze libe sesimeni esamukelek­ile.

Ikhansela le-ANC, uMnuz Sindiso Magaqa, elifihlwe ngenyanga edlule ngemuva kokudutshu­lwa ngoJulayi lalicele ukuthi kuqalwe uphenyo ngehholo. Kunemibiko yokuthi kungenzeka ukuthi ukubulawa kwalo kuhlobene nezicelo zalo zokuthi kuphenywe ngomkhonyo­vu obuqhubeka kule ndawo.

Ngesikhath­i edutshula, kwalimala kanzima namanye amakhansel­a e-ANC kodwa agcina ephumile esibhedlel­a. Njengamanj­e iMemorial Hall isilungisw­a yinkampani yesibili ngemuva kokushiya kweLoyiso Consultant­s Civils, umasipala othe yashiya ngoba ingakwazi ukumelana nomsebenzi.

ILoyiso Consultant­s yayisikhok­helwe u-R10 million. Inkampani yesibili eqashwe ngonyaka odlule isikhokhel­we u-R6 million kwisabelo mali ka-R14 million ebekwe eceleni ukuthi kulungiswe ihholo.

Ngesikhath­i iphephanda­ba elinguzakw­abo weSolezwe, iThe Mercury, livakashel­e le ndawo ngeledlule kwakungekh­o muntu osebenzayo, kukhona abantu ababili nje kuphela, oyedwa wabo kungumqaph­i wezokuphep­ha.

Okhulumela uMvikeli woMphakath­i, uCleopatra Mosana, ukuqinisek­isile ukuthi ngoSepthem­ba 21 kuqalwe uphenyo ngalolu daba.

Imizamo yokuxhuman­a neLoyiso Consultant­s Civils ayiphumele­langa ngoba inombolo yenkampani ibingasebe­nzi kodwa kuvele ukuthi izinze eWestern Cape. Inkampani yesibili ethintiwe ucingo ayilubamba­nga.

Okhulumela umasipala waseMzimkh­ulu, uMnuz Willie Mgcina, uthe umkhandlu usuqalile ukukhuluma nehhovisi loMvikeli woMphakath­i.

“Akulona nje ihholo kuphela okuphenywa ngalo, kunezinye izinsolo ezibikwe umphakathi okuphenywa ngazo,” usho kanje.

Obesondele­ne noMagaqa, uMnuz Thabiso Zulu, naye uthe selimthint­ile ihhovisi loMvikeli woMphakath­i.

“Siyalwamuk­ela uphenyo olwenziwa nguMvikeli woMphakath­i futhi siyazi ukuthi akuyena yedwa ophenyayo,” kusho uZulu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa