Isolezwe

‘Angibasayi­nisi ngedwa abadlali’

- MINENHLE MKHIZE

IZIVIKELE imenenja yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung, ngokushaya udaka kwaMakhosi kule sizini ka-2016/17.

IChiefs iqunjwe phansi yiBaroka FC ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelaso­nto. Leli qembu lishaywa nje nakwiMTN 8 liphume ekuseni likhishwa yiSuperSpo­rt United kumaquarte­rfinal alo mqhudelwan­o. Amakhosi sekuphele amasizini amabili nohhafu engawini lutho. Abalandeli bakhala ngabadlali abasayinwa nguBobby.

“Le nto iyaxaka. Uma iqembu lenza kahle kuthiwa umqeqeshi usayine abadlali abaseqophe­lweni eliphezulu kodwa uma liphikwa yimiphumel­a kugxekwa uBobby. Namanje ngisamile ekutheni abadlali esibasayin­ile abasezinge­ni eliphezulu. Abanye babo abakadlali ngisho ukudlala njengoba sekuthiwa abekho ezingeni lokudlalel­a iKaizer Chiefs.

“Mina ngithi asilinde kuphele isizini bese siyabona ukuthi abekho ezingeni leChiefs ngempela yini. UBobby akayena umqeqeshi kodwa uyimenenja yeqembu. Izinqumo akazithath­i yedwa, uBobby akayena umnikazi weqembu. Angaliphat­ha kanjani iqembu elikhulu kangaka yedwa? KwiChiefs kunethimba lezikhulu, ibhodi, ithimba labaqeqesh­i nekomidi elihlala phansi lithathe izinqumo uma kuzothengw­a abadlali. Angazi sengizoyic­haza kanjani le nto kodwa nani zintatheli ninesandla ngendlela enibika ngayo. Angazi nibika kanjani,” kusho uMotaung.

Ekuqaleni kwesizini iChiefs isayine uPhilani Zulu, Teenage Hadebe, Bhongolwet­hu Jayiya noDumisani Zuma. Ngesizini edlule iChiefs ilande uLewis Macha, Michelle Katsvairo, Edmore Chirambada­re no-Ennocent Mkhabela. Abanye abadlali abangasekh­o kwiChiefs eke yabasayini­sa nguBongani Ndulula, Siphelele Mthembu no-Edward Manqele.

IChiefs ihlezi endaweni yesithupha ngamaphuzu ayisishiya­galolunye ngemuva kwemidlalo eyisikhomb­isa.

Leli qembu selinqobe imidlalo emibili, ladlala ngokulinga­na kwemithath­u lase lahlulwa kwemibili. Lihlukanis­we ngamaphuzu ayisithuph­a neBaroka FC eqhwakele ngamaphuzu angu-15. “Asikho isidingo sokuxhamaz­ela, iChiefs ayikho esimeni esisabekay­o. Kunamaqemb­u asesimeni esisabeka ngaphezu kwesimo seChiefs. Isizini isaqala, ngeke sithathe izinqumo ngokudinwa. Kumele izinqumo esizithath­ayo kube yizinqumo ezenza umqondo. Umqeqeshi usenenkont­ileka neqembu futhi akayi ndawo.

“Asikwazi ukuthi sishaywe umdlalo owodwa ngemuva kwalokho bese sithi umqeqeshi akakhululw­e. IBaroka ithole amathuba amabili yawasebenz­isa. Thina sithole inqwaba kodwa sahluleka wukuyisebe­nzisa,” kusho uMotaung.

UBobby usihlabe wasihlikiz­a isenzo sabalandel­i sokucekela phansi impahla eMoses Mabhida Stadium.

“Okwenziwe ngabalande­li akuhambisa­ni nemigomo yeqembu. Asihambisa­ni nesenzo sabalandel­i. Siyaqonda ukuthi abeneme ngomphumel­a weqembu kodwa lokho akusho ukuthi kumele baziphathe budlabha. Uma befuna ukuzwakali­sa ilaka labo iminyango yeqembu ivuliwe. Ukumosha impahla enkundleni ngeke kulungise inkinga,” kusho uMotaung.

Abalandeli abagcinang­a ngokujikij­ela enkundleni kodwa bebethuka naye uBobby bekhala ngokuthi usayina abadlali abangathi shu.

Bagcine sebelwa namaphoyis­a ngemuva komdlalo baze bacelwa ukuthi baphume enkundleni ingakaphel­i imizuzu emibili. Kulindelek­e ukuthi iPremier Soccer League (PSL) iyithathel­e izinyathel­o iChiefs ngenxa yokuziphat­ha kwabalande­li bayo.

Emdlalweni olandelayo we-Absa Premiershi­p iChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns ngo-Okthoba 17 eLoftus Stadium, ePitoli.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? IMENENJA yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung, ayisiboni isidingo sokuthatha izinqumo ngokuxhama­zela yize abalandeli bengeneme ngesimo seqembu
Isithombe: BACKPAGEPI­X IMENENJA yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung, ayisiboni isidingo sokuthatha izinqumo ngokuxhama­zela yize abalandeli bengeneme ngesimo seqembu
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa