Kudutshulwe abomndeni bashiswa
KUNOVALO emphakathini waseMbangweni, eMatimatolo emuva kokushiswa kwabayisishiyagalombili bakwaSibiya, ngoLwesibili ebusuku.
Abesifazane ababili abakhulile nezingane eziyisithupha kusolwa ukuthi badutshuliwe base beshiswa ezindlini abebelele kuzo.
UNksz Nanazi Sibiya (58) nodadewabo uNksz Sindisiwe Sibiya (60) babulewe emzini yabo eqhelelene ngama-mitha angu100, nabazukulu abaneminyaka engaphansi kuka-10 uSdudla, Olwethu, Thembeka, Londeka, Ziyanda noLindo wasemzini wendodakazi yakwaSibiya, obehlala kulo muzi.
Ngokuthola kweSolezwe, omakhelwane bezwe ukuqhuma kwesibhamu kaningi ngezithuba zawo-9 ebusuku ngoLwesibili kwase kubonakala kusha.
USindisiwe ushone nezingane ezine endlini karawondi abebelele kuyo.
Udadewabo uNanazi, obenamanxeba okudutshulwa nawokusha kuthiwa ushonele endlini yakhe kanti izingane ezimbili abelele nazo ezineminyaka elinganiselwa kwemibili ebezinamanxeba okusha kuthiwa zishonele esibhedlela. Ingane abakwaze ukuyihlenga okuthiwa ayikakabi nonyaka, isesimeni esibucayi esibhedlela esiseMgungundlovu.
Imbangela yokuhlaselwa kwalo mndeni ayikaziwa.
Umfowabo wababulewe, uMnuz Fanozi Shaik uthe akukho odadewabo abake bambikela khona okwenza adideke ukuthi kungani behlaselwe.
“Kuyacaca ukuthi bekuqondiwe ukuba babulawe. Okudidayo wukuthi babulawelweni ngoba akukho engike ngezwa kuthiwa bakwenzile,” kusho uShaik, othe bazalwa uMaSibiya. Unina wababulewe ubekhona endaweni yesigameko ehluleka nokukhuluma. Naye unomuzi khona endaweni. UShaik uthe uthole ucingo ngo11 ebusuku luthi kushiswe imizi yodadewabo. “Angikaze ngisibone isihluku esinjena, umndeni wami ubulewe wonke. Namanje kungathi yiphupho. Kushiswe nezingane ezincane pho, ezifaka amanabukeni?” kusho uShaik. Emlilweni kukhishwe iphakethe lamanabukeni ebelisagcwele. UShaik uthe odadewabo bebondliwa yizingane zabo ezisebenza eGoli naseThekwini, omunye ehola impesheni. Izinsolo zokuthi bebethakatha uzichithile wathi odadewabo bazalwa endaweni bakhulela khona, abakaze basolwe ngomuthi.
“Ngaphandle kokuthi ngodadewethu akukho engikwaziyo okwake kwakhulunywa ngabo. Noma ngabe bebesolwa ngokuloya, sebengaloya bobabili? Umuntu uma ethakatha kungaba yinto azenzela yedwa, ngeke afake nodadewabo kulelo qembu. Noma kunalezo zinsolo izingane zona zingena kuphi?” Kubuza uShaik.
Bekusolwa nengane yasemzini wendodakazi kaSindisiwe evela eMsinga, okuthiwa nayo ibulewe, ngokuthi kakwaziwa ukuthi isukeleni lapho beyihlala khona.
Amalungu omphakathi akhulume neSolezwe acela ukungadalulwa athe asesaba nokulala.
“Kumanje ngicabanga nokuthutha. Asazi ubani ozolandela njengoba kubulewe omakhelwane bethu. Asiphephile nathi,” kusho ilungu lomphakathi.
Omunye uthe naseMbulwane kusanda kushiswa owesifazane ngendlela efanayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kuphenywa amacala okubulala abayisishiyagalombili.
UNgqongqoshe wezokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda uthe ngeke baphumule abasolwa bengakaboshwa. Unxuse umphakathi ukuba uyekele konke emaphoyiseni wathi azoqinisekisa ukuthi abasolwa bayabanjwa.