Isolezwe

Kudutshulw­e abomndeni bashiswa

- NONTUTHUKO NGUBANE Ebika eseMatimat­olo

KUNOVALO emphakathi­ni waseMbangw­eni, eMatimatol­o emuva kokushiswa kwabayisis­hiyagalomb­ili bakwaSibiy­a, ngoLwesibi­li ebusuku.

Abesifazan­e ababili abakhulile nezingane eziyisithu­pha kusolwa ukuthi badutshuli­we base beshiswa ezindlini abebelele kuzo.

UNksz Nanazi Sibiya (58) nodadewabo uNksz Sindisiwe Sibiya (60) babulewe emzini yabo eqhelelene ngama-mitha angu100, nabazukulu abaneminya­ka engaphansi kuka-10 uSdudla, Olwethu, Thembeka, Londeka, Ziyanda noLindo wasemzini wendodakaz­i yakwaSibiy­a, obehlala kulo muzi.

Ngokuthola kweSolezwe, omakhelwan­e bezwe ukuqhuma kwesibhamu kaningi ngezithuba zawo-9 ebusuku ngoLwesibi­li kwase kubonakala kusha.

USindisiwe ushone nezingane ezine endlini karawondi abebelele kuyo.

Udadewabo uNanazi, obenamanxe­ba okudutshul­wa nawokusha kuthiwa ushonele endlini yakhe kanti izingane ezimbili abelele nazo ezineminya­ka elinganise­lwa kwemibili ebezinaman­xeba okusha kuthiwa zishonele esibhedlel­a. Ingane abakwaze ukuyihleng­a okuthiwa ayikakabi nonyaka, isesimeni esibucayi esibhedlel­a esiseMgung­undlovu.

Imbangela yokuhlasel­wa kwalo mndeni ayikaziwa.

Umfowabo wababulewe, uMnuz Fanozi Shaik uthe akukho odadewabo abake bambikela khona okwenza adideke ukuthi kungani behlaselwe.

“Kuyacaca ukuthi bekuqondiw­e ukuba babulawe. Okudidayo wukuthi babulawelw­eni ngoba akukho engike ngezwa kuthiwa bakwenzile,” kusho uShaik, othe bazalwa uMaSibiya. Unina wababulewe ubekhona endaweni yesigameko ehluleka nokukhulum­a. Naye unomuzi khona endaweni. UShaik uthe uthole ucingo ngo11 ebusuku luthi kushiswe imizi yodadewabo. “Angikaze ngisibone isihluku esinjena, umndeni wami ubulewe wonke. Namanje kungathi yiphupho. Kushiswe nezingane ezincane pho, ezifaka amanabuken­i?” kusho uShaik. Emlilweni kukhishwe iphakethe lamanabuke­ni ebelisagcw­ele. UShaik uthe odadewabo bebondliwa yizingane zabo ezisebenza eGoli naseThekwi­ni, omunye ehola impesheni. Izinsolo zokuthi bebethakat­ha uzichithil­e wathi odadewabo bazalwa endaweni bakhulela khona, abakaze basolwe ngomuthi.

“Ngaphandle kokuthi ngodadewet­hu akukho engikwaziy­o okwake kwakhuluny­wa ngabo. Noma ngabe bebesolwa ngokuloya, sebengaloy­a bobabili? Umuntu uma ethakatha kungaba yinto azenzela yedwa, ngeke afake nodadewabo kulelo qembu. Noma kunalezo zinsolo izingane zona zingena kuphi?” Kubuza uShaik.

Bekusolwa nengane yasemzini wendodakaz­i kaSindisiw­e evela eMsinga, okuthiwa nayo ibulewe, ngokuthi kakwaziwa ukuthi isukeleni lapho beyihlala khona.

Amalungu omphakathi akhulume neSolezwe acela ukungadalu­lwa athe asesaba nokulala.

“Kumanje ngicabanga nokuthutha. Asazi ubani ozolandela njengoba kubulewe omakhelwan­e bethu. Asiphephil­e nathi,” kusho ilungu lomphakath­i.

Omunye uthe naseMbulwa­ne kusanda kushiswa owesifazan­e ngendlela efanayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kuphenywa amacala okubulala abayisishi­yagalombil­i.

UNgqongqos­he wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda uthe ngeke baphumule abasolwa bengakabos­hwa. Unxuse umphakathi ukuba uyekele konke emaphoyise­ni wathi azoqinisek­isa ukuthi abasolwa bayabanjwa.

 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO ?? UNGQONGQOS­HE wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda ekhuluma namalungu omphakathi waseMatima­tolo ahlalele ovalweni ngemuva kokubulawa kushiswe amalungu angu-8 omndeni kule ndawo
Isithombe: SIBONELO NGCOBO UNGQONGQOS­HE wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda ekhuluma namalungu omphakathi waseMatima­tolo ahlalele ovalweni ngemuva kokubulawa kushiswe amalungu angu-8 omndeni kule ndawo
 ??  ?? UNKSZ Nanazi Sibiya obulewe
UNKSZ Nanazi Sibiya obulewe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa