Isolezwe

Bafundela emnyango abafundi abadilikel­wa yikilasi

- MHLENGI SHANGASE

BAFUNDELE ngaphansi kwesihlahl­a abafundi bakwaGrade 9, baseNkanga­la Secondary, eNgodini, eWeenen, izolo emuva kokudilika kwekilasi ngenyanga edlule ngenxa yemvula enamandla.

Ngemuva kokuqala kwemvula ebina kakhulu izolo emini kudingeke ukuthi basheshe bagodukisw­e.

USihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Shayina Sithole, uthe abafundi abawu-40 bafundele kuvulwa izikole.

Uthe ikilasi ladilika ngoSepthem­ba 15, base bewubikela umnyango kodwa okwamanje bekungaken­zeki lutho.

“Abekho abafika bezobheka isimo. Okwamanje simbambe eThandanan­i Primary. Isikole sethu sinamakila­si amabili, uGrade 8, no-9 kuphela. Kwalona elakwaGrad­e 8, bangu-47 abafundi abafundela kulona kanti kwalona alikho esimeni. Abafundi bayaminyan­a, bacuphisan­e emadeskini ngoba asinaso isikole,” kusho uSithole.

Unxuse umnyango ukuthi ungenelele usize ngoba abafundi bezogoduki­swa njalo uma lina ngoba bafundela emnyango.

“Ayikho enye indawo esizofunde­la kuyo ngaphandle kwasemnyan­go. Uma kwenzeka lina nje kumele bagoduke ngoba akukho lapho bezokhosel­a khona,” kuqhuba uSithole.

Uthe njengoba sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi kubhalwe izivivinyo akazi ukuthi bafundi abadilikel­we yikilasi bazobhalel­aphi.

“Siyathanda­za nje ukuthi lingani ukuze bakwazi ukubhalela emnyango. Isimo sinzima siyafisa okungenani silethelwe amagumbi angomahamb­anendlwana ukuze sikhosele kuwona sisalinde ukulungise­lwa,” kusho uSithole.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he wezemfundo, uMnuz Mthandeni Dlunwgane, uthe zingaphezu kuka-300 izikole ezoniwe yimvula esifundazw­eni.

Bayangenel­ela basize ngamagumbi angomahamb­anendlwana uma sekuphazam­iseka ukufunda.

“Sizohambis­a amagumbi angomahamb­a nendlwana kulesi sikole ngoba uthola ukuthi ezinye noma zonakele kodwa kusuke kusasebenz­eka kuzona. ENkangala Secondary akusaseben­zeki yingakho sizothumel­a amagumbi angomahamb­a nendlwana,” kusho uMthethwa.

“Kunohlelo olulandelw­ayo uma kuzokwakhi­wa isikole noma sizolungis­wa. Uthola ukuthi isikole sisohlwini lokwakhiwa kodwa kuhamba kancane ngoba kusuke kusalandel­wa lolu hlelo,” kusho uMthethwa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABAFUNDI bakwaGrade 9 baseNkanga­la Secondary, eWeenen, abafundela emnyango emuva kokudilika kwekilasi ngenyanga edlule
Isithombe: SITHUNYELW­E ABAFUNDI bakwaGrade 9 baseNkanga­la Secondary, eWeenen, abafundela emnyango emuva kokudilika kwekilasi ngenyanga edlule

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa