‘Singashintshi indlela yokusebenza’
UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, ucele ukuthi ingashintshi indlela obekusetshenzwa ngayo esibhedlela saseMariannhill, iSt Mary’s.
Unxuse abasebenzi bakulesi sibhedlela ukuthi bangayeki ukuphatha iziguli ngendlela yobuKrestu abebeqhuba ngayo ngesikhathi isibhedlela sisaphethwe ngamasistela.
Ubekhuluma izolo ngesikhathi uMnyango wezeMpilo uthatha isibhedlela ngokusemthethweni. Isibhedlela, esakhiwa ngo-1972, besixhaswa ngumnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal sibe siphethwe ngabagcinimafa.
“Uma ngihambela izibhedlela esisuke sizithathe ezimishini ngiyaye ngithole ukuthi zisalandela imigomo okwakuhanjwa ngayo singakazithathi – beziphatha kahle iziguli. Ngiyethemba ukuthi nakulesi ngeke kushintshe lutho, nizoqhubeka nokuhambisa ngokwemigomo ebilandelwa,” kusho uDhlomo.
Uthe yena namasistela eMissionary Sisters of the Precious Blood baqale izingxoxo zokudayiselana ngesibhedlela nyakenye ngemuva kwezinkinga zemali ezazikhungethe isibhedlela.
UDhlomo uthe bafake u-R11.4 million wokuthenga impahla yesibhedlela nokuzosetshenzwa ngayo. Ibhilidi lesibhedlela nendawo esakhiwe kuyo bekubiza u-R166 million kodwa emuva kokuxoxa igcine isiba wu-R142 million. Okwamanje uMnyango usasayine isivumelwano sokurenta kuze kuphothulwe ukudayiselana.
Isibhedlela sizoqhubeka nokuba yisibhedlela esizothatha iziguli ezisuka emitholampilo.
UDhlomo uthe bebengenayo enye indlela ngaphandle kokuthi usithenge isibhedlela.
“Ukube besingasithenganga bekuyofanele sakhe esisha. Ukuthenga lesi esivele sikhona sithathe nabasebenzi babe ngaphansi komnyango yikhona obekuyicebo elihle.”
Uveze nokuthi labo abafundela ubuhlengikazi ekolishi eliqeqesha abahlengikazi elisebenzisana nalesi sibhedlela ngeke baphazamiseke okwamanje. Uthe labo asebevele besohlelweni lokufunda bazoqhubeka baqeqeshwe phansi kwaso baze baphothule izifundo zabo.