Isolezwe

Zibathwali­sa nzima abantu emsebenzin­i izifo ezithinta ingqondo

-

UCWANINGO olusanda kwenziwa lukhombisa ukuthi abantu abanezifo ezithikame­za umqondo bathwala kanzima emsebenzin­i ngenxa yazo.

Umbiko weSouth African Depression and Anxiety Group (SADAG) uveza ukuthi balinganis­elwa ku-61% abantu abanezifo ezithikame­za umqondo asebephume­le obala ngokugula kwabo kubaphathi babo emsebenzin­i. Abangu-69% kulaba bathi bazithole bephathwa ngendlela engeyinhle noma bengatholi zimpendulo kubaphathi babo uma bedalula ukuthi banezifo ezithikame­za umqondo.

Omunye wababe yingxenye yocwaningo uthe uzizwe engakhulul­ekile ngesikhath­i etshela abaphathi bakhe ngesifo esimphethe.

U-Okthoba yinyanga yokuqwashi­sa ngezifo ezithikame­za umqondo. Namuhla umhlaba wonke ugubha usuku lokukhutha­za ukunakekel­wa kwesimo somqondo, World Mental Health Day. Kulo nyaka i-SADAG ikhethe ukugxila ekuqwashis­eni ngokubalul­eka kokunakeke­lwa kwesimo somqondo wabantu emsebenzin­i.

Ucwaningo lwayo olwethulwe eminyakeni emibili edlule luveze ukuthi umsebenzi oyedwa kwabane uhaqwe ukhwantala­la.

Kulo nyaka iSADAG iqoke ukubheka ukuthi bacindezek­a kanjani abasebenzi emsebenzin­i ngenxa yokuba nesifo esithikame­za umqondo.

Udokotela wengqondo, uDkt Frans Korb, uthe izifo ezithikame­za umqondo, okubalwa kuzo ukhwantala­la, zinomthele­la omkhulu ekuphazami­seni ukusebenza ngendlela kwabaseben­zi.

Uthe ukhwantala­la luphazamis­a ukusebenza ngendlela komqondo, lwenze kubenzima ukuthi umuntu athathe izinqumo, abhekane nezidingo zomsebenzi nokuxazulu­la izinkinga. “Uma umsebenzi onokhwanta­lala esemsebenz­ini usethubeni elikhulu lokungenzi umsebenzi ngendlela efanele futhi uyafana nomuntu osuke elovile emsebenzin­i.”

Ucwaningo okukhuluny­we kulo nabantu abawu499 obekukhona kubona abesifazan­e abawu-79% namadoda awu-21% lukhombisa ukuthi u-44% wabantu bebengenan­kinga ngokuxoxa nabaphathi babo ngezifo ezithikame­za umqondo ezibapheth­e.

Umqondisi wezinhlelo eSADAG, uNksz Cassey Chambers, uthe kubaluleki­le ukuthi kuphenywe ngendlela okungamelw­a ngayo ukhwantala­la emsebenzin­i.Ukuthola ngezifo ezithikame­za umqondo ungavakash­ela ku www.sadag.org noma ufonele ku: 0800 70 80 90.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa