Isolezwe

URobbie Malinga uchitha eyokugula

- FANELESIBO­NGE BENGU

INKAKHA yomdidiyel­i ebuye ibe ngumculi, uRobbie Malinga, iphinde yalaliswa esibhedlel­a ngenxa yokugula.

URobbie ube nengxoxo ekhethekil­e naleli phephandab­a ngo-Agasti lapho aphumela khona obala ngokugula kwakhe okwaze kwamlalisa esibhedlel­a kwamehlisa nasemzimbe­ni.

“Igazi lami belingapha­mpeki kahle emzimbeni. Yingakho abantu bengibone ngehla emzimbeni. Ngisebenze kanzima ngonyaka odlule kodwa manje yonke into ihamba kahle,” kusho uRobbie.

Omunye wabaphathi be-Universal Music, uRobbie asebenza kuyo, uDharam Sewraj, ukuqinisek­isile ukuthi uRobbie uke wangena esibhedlel­a ngeledlule.

“Ubesesibhe­dlela izinsuku ezimbalwa. Usengumqem­ane futhi uyasebenza. Ubesehhovi­si nje izolo (esho kuthangi),” kusho uDharam.

Ethintwa uRobbie uyichithil­e eyokugula kwakhe.

“Abangiyeke laba abangifuna phansi. Ngiyaphila, uyangizwa nawe,” kusho uRobbie.

Uthe abantu abagxile ezintweni ezinhle azenzayo.

“Bhala lapho ukuthi iyaphuma ngoLwesihl­anu i-albhamu kaKhoisan Maxy. Eyami izophuma maphakathi nenyanga ezayo,” kusho uRobbie.

UKhoisan Maxy ngumculi wakhe omusha wesifazane onengoma ezwakala emsakazwen­i ethi Why Uvuma?

Khonamanja­lo, inkakha ye-jazz uHugh Masekela uthe iyalubonga uthando nemiyalezo yokwesekwa eyitholayo njengoba igula. Ubhale lokhu ekhasini lakhe leTwitter.

NgoMgqibel­o ekuseni uHugh ukhiphe isitatimen­de lapho ebhoboke khona ngokugula kwakhe njengobe ethe uphethwe wumdlavuza wamankwahl­a osusabalel­e nakwezinye izindawo emzimbeni.

Kusukela ephumele obala imiyalezo yokumfisel­a ukululama okusheshay­o evela kuzo zonke izinkalo ingena ilakanyana.

Kanti umsakazi weRadio 702, uXolani Gwala okusanda kuzwakala ukuthi uphethwe wumdlavuza kapopopo, kunemibiko yokuthi uzoqala ukwelashel­wa lesi sifo maduzane, naye uthembise ukuthi uzolwa naso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa