Kuzothikamezeka ukufunda kumashwa
KUZOPHAZAMISEKA ukufunda nokufundisa kwezinye zezikole ngoLwesihlanu KwaZulu-Natal njengoba inyunyana yothisha iSadtu izomasha eThekwini ikhala ngokunganakwa kwezikhalo zayo nguMnyango wezeMfundo esifundazweni.
Kwezinye zezikole kuthiwa sebetsheliwe abafundi ukuthi kuzobe kungafundwa njengoba cishe u-80% wothisha esifundazweni ungamalungu ale nyunyana.
UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe bayazi lesi yisikhathi esinzima sekuzoqala kubhalwe izivivinyo kodwa ayikho enye indlela kudingeka ungqongqoshe uMnuz Mthandeni Dlungwane nenhloko yomnyango uDkt Vusumuzi Nzama baphendule izikhalo zothisha.
“Imashi iqala ngo-10 epaki iDinuzulu iphelela eCity Hall ngakho wonke amalungu ethu azobe esemashini. Othisha bethu bazoqala emsebenzini bese beya emashini. Siyazi umqashi uzofuna ukusebenzisa umthetho wokuthi ongasebenzi ngeke ahole. Othishanhloko, izikole nabazali abenze eminye imizamo ngoLwesihlanu ukuze abafundi bangabi ondingasithebeni othisha bengekho,” kusho uNksz Caluza.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini. UNksz Caluza uthe ezinye zezinto abakhala ngazo kubalwa ukungafakwa kwemali ezikoleni njengoba othishanhloko besebenzisa imali yabo, ukungavalwa kwezikhala zabasebenzi emnyangweni, izikhala abantu abahlala kuzona bengaqashiwe ngokugcwele, uhlelo lokwabiwa kothisha minyaka yonke olwaziwa nge-Post Provisioning Norm, ukugqoza kwengqalasizinda ezikoleni, ukungakhokhwa komhlomulo wokusebenza emakhaya owaziwa nge-rural allowance.
“Kade sasiba nemihlangano nongqongqoshe nenhloko yomnyango kodwa kungenzeki lutho.
“Nyakenye ungqongqoshe esanda kuqashwa samnekela zonke izinkinga zomnyango, kwakhangiswa izikhala zabasebenzi, lwama uhlelo kuze kube yimanje akuqashwanga muntu. Sasihlele ukuthi simashe ngoSepthemba 27, kodwa ngenxa yemashi yeCosatu kwadingeka sihlehlise. Asifuni ukuphazamisa izivivinyo zika-matric njengoba simasha ngoLwesihlanu, kusasele amasonto ngaphambi kokuba kubhalwe,” kuqhuba uNksz Caluza.
Uthe uma ungqongqoshe ebaziba engabaphenduli lukhulu oluzayo.
“Uma engasiphenduli kumnqamulajuqu esizomnika wona kukhulu okuzayo. Othisha bethu bavele bayasebenza, bebesebenza ngamaholidi, bangena ekuseni ngo-6 ezikoleni baphume ntambama,” kusho uNksz Caluza.
Phambilini uMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uDlungwane wathi othisha abashiya abafundi beyomasha bazobanjelwa umholo.