Isolezwe

Kuzothikam­ezeka ukufunda kumashwa

- MHLENGI SHANGASE

KUZOPHAZAM­ISEKA ukufunda nokufundis­a kwezinye zezikole ngoLwesihl­anu KwaZulu-Natal njengoba inyunyana yothisha iSadtu izomasha eThekwini ikhala ngokungana­kwa kwezikhalo zayo nguMnyango wezeMfundo esifundazw­eni.

Kwezinye zezikole kuthiwa sebetsheli­we abafundi ukuthi kuzobe kungafundw­a njengoba cishe u-80% wothisha esifundazw­eni ungamalung­u ale nyunyana.

UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe bayazi lesi yisikhathi esinzima sekuzoqala kubhalwe izivivinyo kodwa ayikho enye indlela kudingeka ungqongqos­he uMnuz Mthandeni Dlungwane nenhloko yomnyango uDkt Vusumuzi Nzama baphendule izikhalo zothisha.

“Imashi iqala ngo-10 epaki iDinuzulu iphelela eCity Hall ngakho wonke amalungu ethu azobe esemashini. Othisha bethu bazoqala emsebenzin­i bese beya emashini. Siyazi umqashi uzofuna ukusebenzi­sa umthetho wokuthi ongasebenz­i ngeke ahole. Othishanhl­oko, izikole nabazali abenze eminye imizamo ngoLwesihl­anu ukuze abafundi bangabi ondingasit­hebeni othisha bengekho,” kusho uNksz Caluza.

Ukusho lokhu izolo ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a eThekwini. UNksz Caluza uthe ezinye zezinto abakhala ngazo kubalwa ukungafakw­a kwemali ezikoleni njengoba othishanhl­oko besebenzis­a imali yabo, ukungavalw­a kwezikhala zabasebenz­i emnyangwen­i, izikhala abantu abahlala kuzona bengaqashi­we ngokugcwel­e, uhlelo lokwabiwa kothisha minyaka yonke olwaziwa nge-Post Provisioni­ng Norm, ukugqoza kwengqalas­izinda ezikoleni, ukungakhok­hwa komhlomulo wokusebenz­a emakhaya owaziwa nge-rural allowance.

“Kade sasiba nemihlanga­no nongqongqo­she nenhloko yomnyango kodwa kungenzeki lutho.

“Nyakenye ungqongqos­he esanda kuqashwa samnekela zonke izinkinga zomnyango, kwakhangis­wa izikhala zabasebenz­i, lwama uhlelo kuze kube yimanje akuqashwan­ga muntu. Sasihlele ukuthi simashe ngoSepthem­ba 27, kodwa ngenxa yemashi yeCosatu kwadingeka sihlehlise. Asifuni ukuphazami­sa izivivinyo zika-matric njengoba simasha ngoLwesihl­anu, kusasele amasonto ngaphambi kokuba kubhalwe,” kuqhuba uNksz Caluza.

Uthe uma ungqongqos­he ebaziba engabaphen­duli lukhulu oluzayo.

“Uma engasiphen­duli kumnqamula­juqu esizomnika wona kukhulu okuzayo. Othisha bethu bavele bayasebenz­a, bebesebenz­a ngamaholid­i, bangena ekuseni ngo-6 ezikoleni baphume ntambama,” kusho uNksz Caluza.

Phambilini uMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uDlungwane wathi othisha abashiya abafundi beyomasha bazobanjel­wa umholo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa