Isolezwe

Isihluku unogada wesikole enqunywa uqhoqhoqho

- NONTUTHUKO NGUBANE

UHLALELE ovalweni umphakathi waseMngwem­pisi eBulwer, ngemuva kokunqunyw­a kukanogada wesifazane intamo emagcekeni esikole asebenza kuso.

Isidumbu sikaNkz Happiness Hadebe (29) sitholwe ngasesangw­eni lesikole iPholela High, enqunywe uqhoqhoqho washiywa kanjalo ngeledlule.

Lo wesifazane utholwe ngowesilis­a obezoshint­shana naye emsebenzin­i.

Unogada wesilisa kuthiwa esabheka isimo esikoleni, ubuye lo wesifazane esebulewe.

Kumanje umsolwa akaziwa nokwenza kube nzima ukuba abesifazan­e bakule ndawo bakhululek­e. Kubikwa ukuthi kunomunye ohlala sigodini sinye noNksz Hadebe, okumanje kusafunwa ikhanda lakhe emva kokubulawa ngokunquny­wa.

Ikhansela laku-ward 12, uMnuz Vusi Mthembu, lithe baphithene ikhanda ngenxa yalesi sigameko esishaqisa­yo.

“Kumanje umphakathi usuphila ngokwesaba ikakhuluka­zi abesifazan­e. Sifuna amaphoyisa abophe umsolwa khona sizokwazi ukuphefumu­la ngoba umphakathi uyesaba,” kusho uMthembu.

Umufi kuthiwa ubeyilungu eliqavile le-ANCYL ku-ward 12.

“Kuningi esilahleke­lwe yikho ngoba ubehamba phambili ekusizeni umphakathi,” kusho uMthembu.

Isolezwe litshelwe ukuthi lo wesifazane uhlaselwa nje ubethola izinsongo zokuthi akawuyeke umsebenzi njengoba eqashwe ukuba unogada esikoleni esingekho kwiward yakhe. Isikole siku ward 10, yena uhlala ku-ward 12. Lo msebenzi wokuba unogada kuvele ukuthi baningi abebewugaq­ele.

Umfowabo kamufi, uMnuz Gugulezwe Hadebe uthe bake bazizwa lezo zinkulumo ngesikhath­i esebulewe udadebawo.

“Siphatheke kabuhlungu kakhulu ngendlela enesihluku okubulewe ngayo udadewethu, wanqunywa intamo, kwashiywa yonke into yakhe ngisho nesikhwama ebesinemal­i okucacisay­o ukuthi ababulali bebehlose ukuzombula­la nje. Sizizwile izinkulumo ezithi kukhona abebekhala ngokuseben­za kwakhe esikoleni ekubeni ehlala kwenye i-ward kodwa-ke sibheke amaphoyisa ukuba aphenye bese kuboshwa umbulali. Sifuna ukwazi ukuthi bekwenzenj­ani beze bembulale,” kusho uHadebe.

Uthe udadewabo ubenesikha­thi esingaphan­si konyaka esebenza kulesi sikole.

Umufi unengane eneminyaka emine abeyondla.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa ase-Bulwer aphenya icala lokubulala emuva kokutholwa kwesidumbu sowesifaza­ne.

“Akekho osaboshiwe kodwa uphenyo lwamaphoyi­sa lusaqhubek­a,” kusho uZwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa