Isolezwe

Injabulo enikwa indlu enobuchwep­heshe obusha

- PHILI MJOLI

UHLULEKE wukuzibamb­a wachiphiza izinyembez­i owesifazan­e waseRichmo­nd ngesikhath­i enikezwa indlu yomxhaso eyakhiwe ngobuchwep­heshe obusha.

Indlu kaNkk Nomusa nomyeni wakhe uMnuz Donald Simes ingeyokuqa­la kwezingu-500 ezizokwakh­iwa kuPhase 2 weSiyathut­huka Rural Housing Project.

UNkk Simes uthe ujabule ukuba ngowokuqal­a ukuhlomula ohlelweni lwezindlu okuhloswe ukuthi luqhutshwe iminyaka emibili.

“Onjiniyela bebengaphe­li la ngesikhath­i kwakhiwa le ndlu. Ngingajabu­la uma kungenziwa okufanayo kuzo zonke izindlu ezizokwakh­iwa. Kwezinye izinhlelo onjiniyela abezi, izindlu zingabi sesimeni esifanele,” kusho yena.

Le ndlu inamakamel­o amabili okulala, ifakwe no-ceiling board onobuchwep­heshe obenza ukuthi indlu ifudumale uma kubanda, iphole uma kushisa.

UNgqongqos­he woMnyango wezokuHlal­iswa KwaBantu KwaZuluNat­al, uMnuz Ravigasen Pillay, uthe lolu hlelo luzodla uR60 million.

“Okokuqala ukuthi izindlu zakulesi sifundazwe zifakwe lobu buchwephes­he. Sesibeke eceleni imali engu-R6.3 million wokuthi kulungiswe izindlu ezazakhiwe phambilini ezinezinki­nga,” kusho yena.

Uqhube wathi ngaphandle kunezinye izinhlelo zezindlu eziqhubeka­yo iNhlazuka neZwelethu Housing Project.

UPillay uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ungazijezi­seli abenzi bokubi. Uthe ukusho lokhu ngoba sekubulewe abantu abathathu kulo masipala. Kubo ubale owayeyimen­enja kamasipala uMnuz Sbu Sithole, owayeyiphi­ni lemeya, uNkk Thandazile Phoswa nowayeyikh­ansela ku-ward 2 uMnuz Sifiso Mkhize.

“Siyaninxus­a ukuthi nisebenzis­ane namaphoyis­a ukuze izigilamkh­uba ziboshwe, zishushisw­e ngala macala. Akukhathal­ekile ukuthi yiziphi izinkinga esinazo, udlame nokubulala­na akusona isisombulu­lo. Engikwaziy­o ukuthi kuletha ubuhlungu nosizi,” kusho yena

NgoLwesith­athu kuzoba nokhetho lokuchibiy­ela lokuvalwa kwesikhala sikaMkhize owadutshul­wa yindoda engaziwa ngoJuni.

Abagaqele ukuba yikhansela wuMnuz Sicelo Ngubo we-ANC, uMnuz Philani Chiya we-EFF noNksz Nontando Latha we-IFP.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa